... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inkambo Yakhi Iyakhuluma KuNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 1:5-8 Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,

Listen to the radio broadcast of

Inkambo Yakhi Iyakhuluma KuNkulunkulu


Download audio file

Nanxa singathandi ukukuvuma lokhu ,kodwa limile elokuthi uNkulunkulu wakha inkambo yethu kulezokhathi kanye ezinzima .Sikwazi kahle lokho ,kodwa uma sekusibheke eziqwini zamehlo ,siye sifune ukuzithethelela ,sifune ukuziphatha ngokungafanele .Kungani lokho ? 

Kuyadidana lokho angithi ?  Bese kuthi  ngakwesinye isandla uma sibambisana noNkulunkulu kulezokhathi ezinzima  – simfune ,sisondele kuYe ,simalalele  –  nakanjani ngokungabazi uyosiqinisa asiphe inhlakanipho .Nakanjani  – uyosenza ukuba singene kulokho esifanele ukuba yikho  – njengokokudalwa sibe ngumfanekiso waKhe . 

Kodwa ngakolunye uhlangothi ,uma impilo isiba nzima ,yebo nebala kuba nzima .Silingeka ukukhahlela wonke lowomqondo oyiwona .Silingeka ukuvese sime .Umoya uyavuma kodwa inyama ibuthaka ,amen !

Umphostoli uPhethru wayebhalela amaKhrestu ayebhekene nokuzingelwa okwakushubile ,kodwa esikhundleni sokubatetemisa ,kodwa uqondisa izinto emgqeni efanele : 

2 EkaPhethru 1:5-8 Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.  Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.

Lalela sihlobo sami .Mina nawe sibusiswe  ngokukapakayo  kuKhrestu.Futhi okuthi ngokuqhubeka simazi ,kusikhathi sinye kanye lesosibusiso simelwe wukuba yisisekelo  senkambo yethu  – kube wudonga nodonga oluqhubeka lunyuka lwakhela kulesisekelo  esiyiDwala  – ukuveza ubuYena kulabo abasizungezile . 

Inkambo isemqoka kuNkulunkulu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..