... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

La khona Abangani Beqhela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 19:4 Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe .

Listen to the radio broadcast of

La khona Abangani Beqhela


Download audio file

Ayikho into ebuhlungu nezikisa inhliziyo ukwedlula la khona abangani  bekuzengeza uma konke kuhamba kahle ,kothi kungasha amadamu baqale beqhele njengamaxoxo eseyofuna amazolo amasha .Sewake wabhekana nokunjalo  ?

Uma ungakaze ,yeey ngiyakubongela kumnandi kuwe .Uma konke kungubuthebelele wonke umuntu ufuna ukuba ngumngani wakho .Uma sewuphahlaka usha ,lakhona imizwa yenhliziyo yakho inokuyaluza ,uma impilo yakho iba manaphanapha ,futhi nembala labo abazibiza ngabangani kuwe boqala bahoshe izinyawo bahlehle baqhele kuwe .

Nembala akuyona into entsha leyo . Eminyakeni engaphezu kuka 3000 eyadlula iNkosi ehlakaniphile uSolomoni wabeka kanje  :

Izaga 19:4 Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe .

Lokhu okuletha umbuzo kithi ngamunye ukuthi hloboluni lomngani engiyilo ? Ngakube ngingumngani ohamba ngamafu ,osondelayo la kunemvula ngakhona aqhele la kunendlala ngakhona ? Kumbe ngakube ngingumuntu onamathela eduze kwabangabangani kimi ngisho nala khona seligaya ngomunye umhlathi  kumazombezombe ?   

Ngakho ake ngikubuze –hlobo luni lomngani oyilo  –ngakube uyanamathela kulabo  okubahambela kahle njengamanje   kunye nalabo  abadonsa  kanzima ?  Ngakube uvese uzithole ulula ukuwela kulabo abanotho  abanto zabo zihlangene  bese uyaziqhelisa kulabo abadonsa  kanzima?

Ndlela thizeni kuyimvelo lokho. Sonke siyabudinga ubudlelwane obufukulanayo .Kodwa futhi ndlelanye nathi siyadinga ukuba sebudlelwaneni lakhona kuyithi esikhiphayo kungabi yithi njalo esimukelayo .

Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe . Ungabi wuhlobo lomngani onjalo  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy