Labo Abahambe Phambi Kwethu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KuThimothewu 1:5,6 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. 6 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.
Kulomhlaba osheshayo lakhona onga-order ukudla ngesmartphone ,bese thushu nakhu kulethwa kuwe kungakapheli ngisho u 30 minutes , kubukeka kungavamisi ukuzipha isikhathi sicabange ngesikhathi esedlule .Izinto ezinhle ,izinto ezisenze sayilaba abayibo namhlanje .
Namhlanje esikweni lama China wusuku lwesiko loku “Shanela Amathuna.” .Manje kithi sonke esingeyiso lesisizwe kuzwakala kuthusa lokho .
Kodwa ngokwesiko lalesisizwe esingamaChina ,abantu basuke bekhumbula abazali babo asebashona; oninakhulu noyisemkhulu bakwenza lokhu ngokuya emalibeni nezihlobo bese bashanele amathuna abazali babo asebalala.
Kulisiko elikhumbuza laba abasaphila ukuthi bangakhohlwa ngumlibe wobuhle nezibusisio abanazo ukuthi bazithole bezalwa nagabazali impilo ayiqalanga ngabo .
Ngiyazibuza engabe kukangakanani ucabanga ngalabo asebalala ,labo abakucabela indlela ,ababa neqhaza ukukwenza ube yilokhu oyikho namhlanje ?
Yebo nebala kungenzeka ukuthi umthelela wabo awubanga ngomuhle wonke kodwa ngale kokungabaza iningi lawo wawumuhle .Kubhala uPhawuli umphostoli ebhalela uThimothewu owayemusha ayesamthwasisa emsebenzini weNkosi. …
2 KuThimothewu 1:5,6 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
6 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.
Uninakhulu kaThimothewu u-Lowisi nonina u-Eunice baba nomthelela omkhulu okholweni lwakhe .Ungabakhohlwa labo abahambe ngaphambi kwakho .
Kukhumbule abazidela ngakho bezinikela ukuze ugcine ube yilo onguye namhlanje .Enhlizyweni yakho bahloniphe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.