Lakhona Kulahlekile Konke
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 16 :24-26 Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
Kimi impilo ibukeka ingumdonsiswano wentambo echaza okuhle nokubi kumacala ayo ;phakathi kokwenza okwaziyo kungokuhle ,nokwenza lokho okukitaza kuthokozise wena ;phakathi kwezintokozo zakulomhlaba namagugu asezulwini
Into evimba abantu abaningi ukulandela uJesu yiqiniso elisobala lokuthi kunenani okuzobabiza lona ukulandela uJesu .Lokho akusona isimanga ngoba uJesu wathembisa ukuthi kuzokubiza inani.
Kunomaka abacacile phakathi kokuhle nalokho okuthokozisa wena .Kodwa mawusubukisisa kahle ufaka izibuko uyabona ukuthi iyodwa indlela enomqondo yokuya phambili .
NgokukaMathewu 16:24-26 Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami,
makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa
ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami
uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
Indaba esezithebeni la yimpilo uqobo lwayo ,yebo impilo manje nephakade uqobo .UJesu ubuza umbuzo othi kunamqondo muni ukuzuza yonke impilo kodwa ulahlekelwe ngumphefumulo wakho .
U- Billy Graham wake wayinqamulela ngokuthi uma ingcebo ilahlekile ,akukho lutho olulahlekile ;uma impilo ilahlekile ,kukhona okulahlekile ;uma kulahleke inkambo ,kulahleke konke
Uma ulokhu uhleli ucabangana nawe kuphela ,ekugcineni uyolahlekelwa yikho konke . Thatha isiphambano sakho ulandele uJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.