... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lakhona Ukuphuka Kuphenduka Isibusiso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 17:14 Ngiphulukise Jehova ,ngiphuluke ;ngisindise ngisindiswe ,ngokuba uludumo lwami !

Listen to the radio broadcast of

Lakhona Ukuphuka Kuphenduka Isibusiso


Download audio file

Unenkinga uma ngikubuza namhlanje ukuthi sewake wazizwa ungophukile ngaphakathi ? Sewake waba nalomuzwa wokuthi kukhona okungalungile ;okokuthi uzizwa ungenamagalelo anele ukubhekana nakho konke okwenzeka empilweni yakho ,okungamatshe impilo elokhu ikujikijela ngawo  ?

Asikhulumi ngakho kakhulu –kodwa izikhathi nezikhathi ngilokhu ngithola amazwibela  ezihlokwana kwi feed yami ezithi  “Izindlela eziyishumi nantathu ukuvuka unomfutho omkhulu ”kumbe , “Lento nje elula ingaletha inganyusa amandla ezempilo kuwe ,amandla enjabulo njll”   kumbe kube umbhalo othi  “Ngaqamba amanga kudokotela wami –akumina ngedwa onjalo “ .

Wonke azwakala ehlukahlukene kodwa akhuluma ngempande yodaba olulodwa –indaba yokuthi izinto azizinhle kahle ,ukuthi siphila impilo engaphelele ,ukuthi ndlelana thizeni singabaphukile .

Futhi ngeqiniso kungukukha phezulu nje lokho .Yebo nebala uyadinga okuthile  okunqala empilweni kube sesimweni esihlelekile –udle kahle ,unyakazise umzimba  ,uphumule isikhathi esanele ebusuku ,ube nezobudlelwane ezinhle kophila nabo .Lokho kuliqiniso nebala .

Kodwa ekupheleni kosuku iyodwa kuphela indlela yokuguqula ukwephuka kube yisibusiso .

Jeremiya 17:14 Ngiphulukise Jehova ,ngiphuluke ;ngisindise ngisindiswe ,ngokuba uludumo lwami !

UNkulunkulu nguye kuphela ongakugcwalisa ngaphakathi ,akugcwalise inkazimulo yakhe ithi phama ,akwengame  akusibekele ngothando lwakhe ,akuphulukise ngoMoya wakhe   akunike konke lokhu okudingayo hhayi kuphela ukuphonsa umbalane kodwa ukuhlabela phambili ngamandla ,kungakhathalekile ukuthi lempilo ikujijikijela ngagabadi lini .

Ngoba uma ekuphulukisa uzophuluka nebala .Uma ekusindisa uzosindiswa nebala .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.