Lakhona Uqhaqhazela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Ihubo 18:2 Jehova uyidwala lami nenqaba yami ,nomkhululi wami ;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami ,inqaba yami ephakemeyo .
Ukwesaba akuyona into ekude le ,kuseduze kakhulu ,kuthuka kuthuke kusihlasele esikhaleni .Ngakho akuyona into ekuwe kuphela .Ukwesaba kugasela esikhathini lakhona ungazelele sanhlobo.
Kwezombutho kunesifundiso esithi umuzwa wokumangazwa esikhaleni ungalindele yiwo okuninga igalelo lokugasela uyohlosalela isitha ngokunamandla .
Yingakho kumele uhlasele busululu nobuhloli obukhaliphile obubukhali kuthi noma uhlasela isitha singazi iqhamuke ndlelani impi .
Nembala yiwona maqhinga lawo isitha uSathane esiwasebenzisile selokhu kwathi nhlo ukuhlasela abakaNkulunkulu bengazelele .Kodwa akuhlali kunguSathane zikhathi zonke .
Kwesinye isikhathi yizimo ezahlukene-ukwesaba kwezempilo obhekana nakho esikhaleni ,ukukhathazeka ngokwezimali .
Kuphendula kuni oba nakho nxa uqhaqhazela amadolo egcwele amanzi ,lakhona uzwa kuthi heqe uvalo kubanda amathumbu wenze njani ?
Ngokuthi lungu sisizakale ,nakhu ukuphendula kukaDavide ngamhla kade ehlaselwa yinkosi uSawuli nabo bonke abanye ababefuna ukumbulala :
Ihubo 18:2 Jehova uyidwala lami nenqaba yami ,nomkhululi wami ;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo ,nesihlangu sami ,nophondo lokusindiswa kwami ,inqaba yami ephakemeyo .
Kwabaningi kithi okuthi uma inhlamvu iqhuma kubunguqhuqhu amehlo esemnyama ,iqhuma iza kithi siya la eya ngakhona .Ngamanye amazwi ,amehlo ethu siwabeka enkingeni yethu esikhundleni sokujikela kuNkulunkulu .
Kuwukuphunduleka lokho ngoba uyiDwala lakho neNqaba yakho ,indawo yakho yokuphepha .Futhi njengokuba u- Charles Spurgeon ekubeka kahle ethi ngesikhathi usaqhaqhazela iDwala lakho alinyakazi ! Balekela kuye ze uvikeleke .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.