Lakhona Uthando Lumile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 3:18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
Njengokuba isisho sabama movie bethi kumelwe uthando lube yisona sihloko esigqamile kuma movie akhiqizwayo .Yebo nebala akhona ama movie edrama ,ezokulwa nasabisayo .Kodwa lawo othando ahamba phambili kunawo onke .Kungani kunjalo ?
Sewake wahlaziya ukuthi kungani ama movie othando ebukelwa kakhulu kunawo onke amanye ,wona aba newozawoza abantu bathi neh kuwo ? Into eyenza ukuba abukwe kakhulu ngukubona uthando lunqoba phezu kobutha ,umauthando lwehlula izinselelo nezivivinyo eziqhamukayo kulwenza lube ngolukhethekile .
Asivume ukuthi mangase kube nomdlalo la khona kunabadlali ababili betshelana amazwi athi ‘ ngiyakuthanda’ kuphela lokho kungenza ukuthi ugcine sewubhora .Angithi ,kungani? ?!
Kumbe uma kungabashadikazi ababili behlala emzini omncane kodwa bethandana futhi nezingane zabo zingabahluphi konke kuhamba kahle ,ubungabukwa yini lowomfanekiso na?
Qha ,ngoba silangazelela ukubona uthando lunqoba phezu kwenselelo eqhamukile .Yikho kanye lokho okwenza indaba yothando ibe ngelalekayo Yingakho ibukwa .Lokho kuhlaziya okuletha ukukhanya kulendima:
1 EkaJohane 3:18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
Uthando lubonakala ezikhathini lakhona kunamagagasi empilo ,lubhekene nezivivinyo qede lubonakale lumi luqinile ,yilokho okulwenza lugqame .
Kungokunye ukusho ukuthi siyamthanda umuntu .Kungokunye ngokwehlukile ukukuveza lokho ngezenzo eziphathekayo nokuzinikela esinkwenzayo ngalomuntu .Engathi uthando lwakho lungaba ngoluphathekayo!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.