Leyonto Nje Eyodwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 16:11 Uyakungazisa indlela yokuphila ;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Angazi noma uke uzithola uphethwe yilomkhuba womkhuhlane wokucabanga ‘ngokulandelayo/okuzokwenzeka’ njalo.Mangike ngokulandelayo ngathenga ukuthi,ngenza ukuthi ,lesosigaba nje esilandelayo sengikuso mhh ….ngiyovese ngibe ngojabule.Abantu abaningi baphila impilo yabo yonke bekulomzabalazo wokubuka u-next empilweni yabo ,kodwa bavese begcine benganelisekanga ,bengakutholi ukupheleliseka ebebezitshela bazokuthola ,abebekubhekile.
Uyazi angazi kungani kwangithatha isikhathi eside ukubona lokhu ,ngoba phela angiyena umuntu ovalekile engqondweni ,lutho cha angiyena.Kodwa konke lokhu kwangithatha iminyaka eko 30 yonke ukukubona lokhu .
Nsuku zonke ngangivuka ,ngiyokwenza into efanayo,phuma ,qede ube ngobuphumelelayo ….futhi konke kwakuhamba kahle.Mangiphume ngiyokwenza imali…futhi nebala ngakwazi ukuyenza.Hamba ke manje uyothenga imoto nomuzi omuhle ube ne skill sakho .Konke lokho ngakwenza ngide ngigida kukho .Kodwa ekuqhubekeni ngikwenza kusikhathi sinye futhi lakhona ngangingatholi kuneliseka kukho.
Ngachitha cishe ingxenye yempilo yami yonke ngilangezelela lento eyodwa ezonganelisa ,ingigcwalise ngaphakathi.Leyonto eyodwa nje eyayizokwenza ngiyeke ukugida ndawonye kodwa ifike ingene ithi khaxa, qede ngiziwe ngingoneliseke kamnandi enhliziyweni.Intokozo .Ukuthula.Leyonto nje eyodwa…
Amahubo 16:11 Uyakungazisa indlela yokuphila ;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Ngesikhathi siqhubeka sigwinya konke lomhlaba osinika khona ,kusikhathisinye futhi sizizwa si-empty ngaphakathi.Kodwa uma siqhubeka sisondela kuNkulunkulu ,lo kanye owathumela iNdodana yaKhe uJesu ,ukuzosifela ,kusikhathisinye sithola lokhu kanye esikade silokhu sikucinga .
Ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Leyonto eyodwa ..Yiyo kanye !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..