... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungasongi Izandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 113:7,8 Uyavusa odingayo othulini,aphakamise ompofu ezaleni.ukuze amhlalise nezikhulu,yebo izikhulu zabantu bakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ungasongi Izandla


Download audio file

Angazi noma sewake waba sekuzweni indlala ngendlela yokuthi uzwe sengathi amathumbu ayagoqana ,kodwa yazi kwesinye isikhathi kuyaba umuzwa omnandi .Ikakhulukazi khona mase wazi ukuthi kukhona okunuka sastshulwana okusendleleni okuzothulisa lamathumbu .Kodwa uma kusesigabeni lakhona ubona izingane zakho zihluphekile ,lokho akumnandi neze.Kubuhlungu kakhulu.

Imvama  uma ubuka iTV kaningi ezindabeni kuma-channel athile ngosuku baveze  abantu abahluphekayo.Mhlawumbe kube yinhlekelele eyehlele izwe elithile.Impi kwelinye.Izingane zifa kulelozwe.

Iqiniso yileli lokuthi njalo ngosuku kunabantu abangu  25,000 abafayo ngenxa yendlala .Emzuzwini embalwa sindawonye nawe namhlanje kuzobe sekunabantu abangaphezu kuka 60 ababulawe yindlala .

Futhi uyayazi inkinga yangempela ? Sibuka lokho qede sicabange ukuthi  : “Ayi ngeke sikhulu lesibalo ,baningi lababantu mina ngeke ngikwazi ukwenza umehluko kubo .Uma uNkulunkulu enguNkulunkulu ,uma kunjalo nguYe kuphela omkhulu ngokwanele ukukulungisa lokho.Alukho mina engingalwenza .Mhlawumbe ngixhase ingane eyodwa  mhlawumbe ? Bese kwenza mahluko muni ke lokho okungako?”

Ngakho ,sivese sisonge izandla ..

Yikuphi uNkulunkulu Yena akucabangayo ngakho konke lokho ? Wenzenjani uma ebuka abampofu  nabaswele nabadliwa yindlala?

Amahubo 113:7,8 Uyavusa odingayo othulini,aphakamise ompofu ezaleni.ukuze amhlalise nezikhulu,yebo izikhulu zabantu bakhe.

Ngesikhathi sisafunda into enjena ,nebala simelwe ukuzibuza thina  ukuthi , “Pho ngingaqhubeka kanjani ngisonge izandla …ngingenzi lutho?”

EBhayibhelini lonke ,eZwini likaNkulunkulu,iyodwa into ongeke ungayiboni ngaYe ;yinhliziyo yaKhe engakholakaliyo anayo ngabampofu,abalahliwe ,abanganakiwe ,ababandlululiwe ,abafayo.

Futhi ngesikhathi uqhubeka ulifunda iBhayibheli uthola ukuthi uyasibiza mina nawe ukuba simbambise kulomsebenzi wokwenza utho ngalesisimo!

Pho sihlobo sami singahlala kanjani singenzi lutho ngenhlupheko?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge