Luthini Uhlelo Lwakho Lomhlalaphansi ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 8:9 Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
Akengikubuze kahle nje ,luthini uhlelo lwempilo yakho isiyonke la emhlabeni ? Iningi lethu alazi sisalelwe yizinsuku ezingaki kulomhlaba .Ngakho yikuphi ofuna ukukwenza ukuze uku –achieve ? Uhlele ukuphila kanjani iminyaka yakho yokugcina ,kumbe izinsuku zakho zokugcina emhlabeni ?
Yimibuzo le eyinhlabamxhwele akunjalo ? Imvamisa iningi lihlela ukuthi umhlalaphansi walo kuyoba wukweneba lizizwe lifudumele liphumule .Yebo lokho akusikho okuba ngukukhethwa nguwo wonke umuntu .Abanye basuke bekhathazwe ngukuthi bayoba yinhlwa uma sebebadala ,bethemba ukuthi bayosizwa yimindeni yabo bengesenamandla bona ngokwabo .
Kodwa ukushisekela ukwazi ukuthi uyoba nesimo esinozinzo esilondekile wonke umuntu uyakulanguzelala lokho .Lokho okugcina sekwenza ukuthi wonke ashisekele ukuceba ukuze anethezeke ondleke uma esegugile engesenamandla ,ukuze anakekelwe yimali yakhe .
Okunye kwezinto ongaziqaphela ngomuntu osethathe umhlalaphansi ngukuthi umhlaba wempilo yakhe usuvese waba ngumgcingo wamncane .Angikaze ngikuqaphele lokhu kwaza kwaba ngukuthi ngixoxe nohlelela asebebheke empeshinini.Kodwa manje kuneqiniso eliningi ekuqapheleni kwakhe lokhu nakuba lingehli kahle .
Ngakube yilokho kanye yini uNkulunkulu akuhlelele khona ngezinsuku zakho zonke zokuphila emhlabeni ? Kumbe kukhona okwehlukile ?
2 KwabaseKhorinte 8:9 Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
UJesu yena uyakuphendula ukuzicabangela kwethu sifise ukunethezeka nokuzinza ,uzisholo okuhluke ngamalengiso .
Waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
Futhi angikusho lokhu ukuthi labo bethu asebegugile kodwa ukuguga kwabo abangakusebenzisi ekuzicabangeleni bona kodwa nasebudaleni babo baphile impilo yokwenza inkonzo kwabanye ,bazinikele ngenxa yabanye ,yibo kanye laba abadala abavese babe ngabacebile ngokwempilo kunalabo abazidabukela bona ekugugeni kwabo ,bacabange eyabo phaqa impilo .
Ngakho, angiphinde ngikubuze futhi ,uhleleni ngempilo yakho emhlabeni osazoyiphila ?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..