... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Mangase Kwenzeke Kunongabazane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isililo 3:22-24 Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe ,ngokuba ububele bakhe abupheli .Busha ekuseni njalo ;ukuthembeka kwakho kukhulu .UJehova uyisabelo sami ,usho umphefumulo wami ;ngakho ngiyakwethemba kuye .

Listen to the radio broadcast of

Mangase Kwenzeke Kunongabazane


Download audio file

Angazi noma ubungahlanganyela nami ukuzikhumbuza okuthile okwadlula ,sibuyele emumva le lakhona kwakwehlela ,kwakenyukela kulezontaba ,lalishisa ilanga libalalele lithe woklo likhipha umkhovu etsheni ,lakhona amakhazi ayeshubisa umnkantsha  kungqangqazele  amazinyo kuveveze;e izindebe zomlomo ,yebo nalezokhathi kanye  lakhona konke  kwakungubuthebelele  usuthe cinco eshayamoya phezu kwentaba  .

Nansi impilo la  esikhona njengamanje ,kube wuhambo olude ,akunjalo ? Mangase kuthiwe bewuzihlele ukubhala phansi incwadi ,ngokungangabazi bewungeke ucabange  noma yini esondele kwakhona empilweni obe yiyo kwaze kwafika la .

Mhlawumbe uyiphilele yonke kungekho ngisho omncane umuzwa lo wobukhona bukaNkulunkulu .Kumbe mhlawumbe unjengami kwenzeka kuwe uphakathi nendlela .

Noma ngabe yikuphi la obe khona  ,nala okhona njengamanje ,okusemqoka kakhulu okokuthi ubhekephi njengamanje kunokukodwa okungaguqukiyo kukho konke :

Isililo  3:22-24 Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe ,ngokuba ububele bakhe abupheli .Busha ekuseni njalo ;ukuthembeka kwakho kukhulu .UJehova uyisabelo sami ,usho umphefumulo wami ;ngakho ngiyakwethemba kuye .

Kuzo zonke lezozikhathi ezimbi nezimnandi noma ngabe sikuqaphelile  lokho noma cha kodwa esikwaziyo iso  likaNkulunkulu belilokhu  linathi .

Ubenathi noma ngabe bekumakhaza lishisa kanjani ,noma ngabe zazikhanya zimnyama kanjani lezonsuku .

Wathokoza nathi ezinsukwini ezinhle ,noma  ngabe  sasingakwazi .Wayezwela kunye nathi la esasilila khona .

Futhi njalo ekuseni kungakhathalekile ukuthi usuku lwangayizolo lwaluquketheni ,wenza ukuba ilanga liphume likhanye kithi .Umusa wakhe wawumusha njalo ekuseni .Kukhulu ukuthembeka kwakhe .

Ngakho ngesikhathi usabheka phambili ,yazi lokhu : UJehova uyisabelo sakho  ,ngakho uyakwethemba kuye .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.