... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Masekuyisikhathi Sokwenza

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Joshuwa 1:10,11 UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu ethi : “Dabulani phakathi kwekamu niyale abantu nithi : “Zilungiseleni umphako ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani ,ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu anininika lona ukuba nilizuze .

Masekusinda kwehlela kuvese imizwa yokuntenga nokulahla ithemba , inomkhuba wokusigovuza njengophuthu .Wena owabona unogwaja uhlathswe ngamathoshi emoto ebusuku ovese uxhopheke ugcine ungaboni wenzenjani ,ugcine umile ,nathi senze njalo esimweni esisuke sesibhekene naso .

Izolo besibuka uJoshuwa esikhathini esidala uvalo  kuloluholo olunzima kangaka .UMose ubesanda kushona .UJoshuwa ubesanda kungena ezintanjeni zobuholi esikhathini  kanye lakhona obekumele balwe izimpi emva kwezinye ukuze badle izwe lesethembiso .Kodwa uNkulunkulu wathi kuye  :

Joshuwa 1:9 Angikuyalile na? Qina ume isibindi ,ungesabi ,ungabi naluvalo ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona .

Nakho la okukhona leyomizwa kanye yokwesaba nokuntenga ,evama ukusigodolisa sibande qa.UNkulunkulu uyayala kulesosimo kanye ,uthini ?  Qina ume isibindi ,ungesabi ,ungabi naluvalo ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona .

Manje ngakube uJoshuwa waphendula wathini kulokhu na ? Lamandla okuqina nesibindi okwakuphefumulelewe nguNkulunkulu kwaziveza kanjani ?

Joshuwa 1:10,11 UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu ethi : “Dabulani phakathi kwekamu niyale abantu nithi : “Zilungiseleni umphako ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani ,ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu anininika lona ukuba nilizuze .

Amandla nesibindi uNkulunkulu asikhuluma kuJoshuwa ,kwaziveza ngokwesenzo .Esikhundlenii sokushwabana abe ligwala egcwele ukwesaba ahlale la kuphephile khona ngale kweJordani ,ngesibindi walungisela isizwe ukubhekana nempi ,ukungena siwele umfula qede sidle izwe lesethembiso  .

Ungakuvumeli ukwesaba nokuntenga ntenga kukugwede kukugovuzela ukuma uhlahla amehlo ungasazi ushone ngaphi ,qina ubheke phambili . Yiya kuNkulunkulu ukuthola amandla amasha . Masisha kuzoba yisikhathi sesenzo sokuya empini uqonde ngqo ungesabi lutho.  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.