... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngabe Liyinganekwane IBhayibheli ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaiah 55:10,11 Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini.kungabuyeli khona kepha kuwunethisa umhlaba ,kuwenze ukuba uthele uhlume ,unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa ,liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami:aliyikubuyela ze kimi ,lingakafezi lokhu engikufunayo ,liphumelele kulokhu engilithumele kukho .

Listen to the radio broadcast of

Ngabe Liyinganekwane IBhayibheli ?


Download audio file

Asivume ngokwethembeka ukuthi lomqingo AMaKhrestu awubiza nge ‘bhayibheli’ uqukethe izindaba ezinye okunzima  ukuzikholwa.UJesu eguqula amanzi ewenza iwayini ;ehamba phezu kwamanzi .Ngempela ?  Mhlawumbe ulandiso lwenganekwane nje .

Ngokwe-ministry esebenza umhlaba ngokuqinisa nokukhulekela amakholwa ahlushwayo ngokombuso , ebizwa ngokuthi : The Voice of the Martyrs[Iphimbo Labafeli-kholo] ,AmaBhayibheli  ayingozi kumbe kunzima ukutholakala kwawo  kulawomazwe ,alivumelekile ngokomthetho kumbe kukalelwe kakhulu ukusetshenziswa kwalo ,kumbe alivunyelwe sanhlobo litholakala ngokushushumbiswa ,emazweni angu 52 emhlabeni wonke .

Manje uma  kungukuthi iBhayibheli liyinganekwane kungani lingavunyelwe emazweni angu 52 ?

 Njengokuba omunye wake washo  wathi ngeke uyoboshwa ejele ngoba nakhu  utholakale ufunda inganekwane kachakide bocololo .Manje kungani lingavunyelwa lona?  Akuwakhi sanhlobo umqondo .

Alivunyelwa ngoba liqukethe iqiniso elinamandla amakhulu ,iqiniso elikhululanayo  ngaphezu kwawo wonke amaqiniso ake aba khona selokhu uluntu lwadabuka! 

Alivunyelwe ngoba uma uNkulunkulu kubantu abaphansi njengami nawe  ngeZwi laKhe ,uthulula amandla akhe ukufeza izinhloso zakhe .

Isaya 55:10,11 Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini.kungabuyeli khona kepha  kuwunethisa umhlaba ,kuwenze ukuba uthele uhlume ,unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa ,liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami:aliyikubuyela ze kimi ,lingakafezi lokhu engikufunayo ,liphumelele kulokhu engilithumele kukho .

Yingakho lingavunyelwe kulamazwe .Yingoba aliyona inganekwane .Lingamandla okuguqula impilo yakho .Lingamandla kaNkulunkulu okusebenza kuwe ngawe ,ukufeza izinhloso zakhe ,kube yinkazimulo nodumo kuYe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.