... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngaphezu Kokwanela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 12:8,9 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Listen to the radio broadcast of

Ngaphezu Kokwanela


Download audio file

Sewake waphicizeka umunwe yisicabha ? Kade usathi uziculela kamnandi ungazelele ,bhaah isicabha sikucindezele umunwe kunsonsothe inhliziyo .Lapho ubuhlungu buhambe nengalo yonke baze bayofika engqondweni ! Hheeyi kubuhlungu boh.

Yonke ingxenye yomzimba wakho iright ayinankinga ,kahle hle konke empilweni yakho kukahle .Kodwa kuvese kwaphela konke emva kokubambeka nje komunwe wakho ,kwamnyama amehlo wangabe usakhumbula nokuthi ubuzihlabelelela uthokozile ,lobuhlungu bakuphuca  konke ukwenama kwakho osukwini olumnandi lwakho .

Ngisho kungathiwa sekuqala ukuphola kancane emva kwesikhathi kodwa lobuhlungu obuzwile buse fresh enhliziyweni nasengqondweni .

Kuba ncimishi njengaleyonto  eyodwa empilweni yakho obufisa sengathi  ngabe  ayibanga khona .Wonke umuntu unayo into eyodwa emxakile ,noma ngabe yini kodwa yona ikhona .UPhawuli umphostoli wabe eneva enyameni yakhe ,mumva le kudalo –singathi ngokwesisho nawe uneva lakho  elikuququdayo . Mumva le wabhala lamagama :

2 KwabaseKhorinte  12:8,9 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi.  Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Kwesinye isikhathi siyathandaza ukuthi uNkulunkulu alisusue kodwa lutho alisuki .Ngani ingempela ? Ngoba ufuna uthole umusa wakhe ,izibele zakhe .uthando lwakhe oluza kuwe ungalufanelwe .

Noma ngabe yini obhekene nayo umusa kaNkulunkulu ukwanele .Uhlala ukwanele futhi uyohlala njalo ukwanele .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy