Ngisho Izinto Ezincane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 19:21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu ,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
Ayikho into ecikanayo njengokuthi ube necebo elithile ngokuthi ufuna zime kanjani izinto empilweni ,bese uvese uthole ukuthi ,lelocebo livese liphike okwempela ukwenzeka.Kungani uNkulunkulu evumela lokho kwenzeke? Uqondeni ngalokho ?
Sonke ngabanye sinazo izinqumo esingazikhomba ezake zenzeka ,okwathi zenzeka ,zaguqula yonke indlela yokuphila kwethu.
Ngikhumbula ngihamba ngiphuma endlini yenkonzo ngolunye usuku,ngangisanda nje kumemukela uJesu ezinyangeni ezimbalwa,engathuka ngithatha i-pheshana okwakungelase Bible College .Okuyilapho okwathi ngisafunda ngagcina ngixhumene ne ministry ye Christianity Works .Namhlanje sengikwazi ukukhuluma nezigidi zabantu ngale-ministry ,konke nje ngenxa yalelo pamphlet engalicosha ngalifunda .
Kwesinye isikhathi siziphatha sengathi yithi esiphethe isiphetho sempilo yethu .Kube sengathi sithi : ‘uma ngenze lokhu nalokhu kuzoba nomphumela walokhu nalokhu .’ Ungangizwa kabi ,ngiyakholelwa ekwenzeni ama-plan futhi ngiyakholelwa ekusebenzeni kanzima .
Kodwa kulula kabi ukuthi izinto zinhlanhlathe ube uthi wena uzicuphe kahle ngononina .Kimina angikusho ukuthi indaba yalelopheshana inamandla amakhulu okuhlelelwa.
Izaga 19:21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu ,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
Kungenzeka kube kuhle ezinhliziyweni zethu ukuhlela izinto ezingempilo yethu..Kodwa ekwenzeni kukaNkulunkulu ,nguye uqobo olawula igxathi negxathi lokuphila kwethu ,ngoba kuYe indaba yonke ingokuqinisekisa izinhloso zaKhe ziyafezeka ngathi .
Ngakho sihlobo sami ,ngokuzayo uma impilo ivese iswingele kulokhu obungakulindele ,ungaphoxeki ,ngoba uNkulunkulu usebenza amacebo aKhe nezinhloso ,kuwe futhi ngawe.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..