Phila Ukholo Olunganyakiziyo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Habakukhi 3:17,18 Noma umkhiwane ungakhahleli kungabikho izithelo emvinini ,umsebenzi womnqumo uphuthe ,amasimu angavezi ukudla ,izimvu zinqunywe esibayeni ,kungabikho nkomo ezibayeni.Nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami
Mangase kuthiwe nje impilo ibinguswidi imnandi konke kungubuthebelele.Mangase kuthiwe nje izinto zizohamba ngohlelo lwethu ukuze sibe nempilo ,sicebe ,sikhaliphe .Mangase kuthiwe nje ….manje hheyi ezinye izinsuku zivele zibe mnyama .Manje ubhekana kanjani nezinsuku ezimnyama ?
Izinsuku ezimnyama ukwedlula ezinye zenzeka ngesikhathi ebesikulindele ebesikubhekele kuvese kungenzeki sanhlobo .
Ubani osuke ngosuku olukhulu lothando lwamajuba ngamhla beshada osuke ecabange ukuthi emshadweni wabo kuzovese kuphihlike imbiza kungalindele muntu ? Ubani owayazi ukuthi lengane enhle kangaka ezalwe yibo kwakuhle kwanjeyana izalwa yaqanjwa elihle igama leli ukuthi kusasa yiyo isiseRehab ngenxa yokubanjwa yizidakamizwa ? Ubani obengacabanga maphakathi ne career yakhe konke sekuyimpumelelo avese ehlelwe ngukugula okunzima ?
Esikudingayo kulezonsuku ezimnyama ,yisu lokukwazi ukudlula kuzona.Futhi nebala uNkulunkulu unesu elihle nelinamandla ,nokho elibukeka liyinto engakholakali
Habakukhi 3:17,18 Noma umkhiwane ungakhahleli kungabikho izithelo emvinini ,umsebenzi womnqumo uphuthe ,amasimu angavezi ukudla ,izimvu zinqunywe esibayeni ,kungabikho nkomo ezibayeni.Nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami
Izinto ziyenzeka kodwa zenzeka zinjalo singakhetha ukuma okholweni lwethu lwehlule izimo zethu .Ngoba kukho konke sinoJesu owafa ukukhlawulela izono zethu futhi wavuka ukuze asinike ukuphila okuphakade .Futhi lokho yikho okunamandla amakhulu okuketula konke okungaba yizehlo kithi .
Ngakho kulezokhathi kanye ezimnyama ,khetha ukholo olunganyakaziseki . Khona kunjalo khetha ukuthokoza ngoJehova ujabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwakho
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.