Phupha Amaphupho Amakhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Kungakananini ukuphupha onakho ngekusasa,ukuthi lizobukeka linjani,nokuthi yikuphi uNkulunkulu azobe ekukho ? Kumbe ngakube umatasa kakhulu ngezinto zenamhlanje kuphela ,awunasikhathi sokuphupha emini [ngekusasa]?
Ngake ngafunda incwadi eyayibhalwe yi- social researcher evelele eyayenza ama -workshop ayemumethe abantu abaningi abasemazingeni ajwayelekile njengami nawe ngenhloso yokuthola ukuthi abantu bacabangani ,ngokuthi umphakathi ubhekephi.
Manje ngokumangazayo wathola ukuthi ,kunegebe lakhona eminyakeni edlule ,sifikelwe wukuma ukuphupha ngekusasa.Kuvese kwasimela ukuba nethemba ngekusasa.Kungani ? Yebo nebala impendulo yakhe yasho kanje:
Ngoba siphila emphakathini oqukethe izinto eziningi asisekho isikhathi sokuzindla ngekusasa.Sigcwele ukufuna ukuzinelisa namhlanje ,ngangokuthi asisekho esokuphupha ngekusasa ukuthi lizobanjani.
Manje kaze besizothini ukuthi mhlawumbe kwavese uNkulunkulu wasidalela ukuphupha ngekusasa?
Singathini kanti ukuphupha ngekusasa kuyingxenye yengaphakathi lethu ukubuka kude? Mhlawumbe besothini kanti ekuphupheni ikusasa nasekulicabangeni ,mhlawumbe yiyona ndlela leyo uNkulunkulu asisondeza ngezinhliziyo zethu kumacebo aKhe amakhulu ? Besothini ingempela….?
2 KwabaseKhorinte 9:8 Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,
Besothini uma kungukuthi ngokuphupha ikusasa ,kusenza sibambe isibusiso sikaNkulunkulu esichichimayo esinokusenza ,sibusise lomhlaba nge ‘misebenzi yonke emihle’ ? Besothini kanti uNkulunkulu unaloluhlelo olumangazayo akudalela lona,lokusebenza ngawe ,ukuze ngawe abusise abanye abantu ngokuchichimayo?
Uma siphupha ngekusasa sivula iminyango yethu ,ngezinto ezingecabangeke zingenzeka .Ngokuba kuYe konke kuyenzeka .
Lalela . Umuntu ongenalo iphupho unjengomhlaba ongenamibala .
Inhliziyo engenaphupho injengengane engenakusasa. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..