... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphi Nkulunkulu?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 18:2 UJehova uyidwala lami,nenqaba yami noMkhululi wami;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,nesihlangu sami nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphi Nkulunkulu?


Download audio file

Into enzima ukwedlulela hle hle –ukwedlula konke –yilapho sizithola ssisohambweni lwasehlane esizithola kulo isikhathi nezikhathi ,kuba yilomuzwa wokuzizwa siyinhlwa sisodwa .Sisodwa ngendlela yokuthi ngathi akusekho muntu emhlabeni.

Izikhathi nezikhathi ike ivese iguquke impilo ibe yilokhu okuxaka ukwenza.Uthole ukuthi izinto bezihamba buthebelele kodwa kuvese kungekudala lihlome lidume esikhaleni izulu.Kulokho kuduma kwalo ,kuvese kube mnyama amehlo ,kulapho kanye sizibuza ukuthi – Nkulunkulu ukuphi?

Ake ngikucobelele lenkondlo emnandi .

Lusuku lumbe ,ngambuza uNkulunkulu ekujuleni kwenhliziyo yami,ukuphi empilweni yami ?  Ngobukhulu ubumnene ,waphendula uNkulunkulu.

Ngohlala njalo ngiyiDwala lakho.Amandla ami ahlala enawe zikhathi zonke.Izimpophoma zamanzi okuphila ziyohlala zikuvuselela ngamanzi amtoti oMoya wami.Ukuthula kwehlane lami kuyophumula kuwe kuvuselele umphefumulo wakho.

Futhi ngesikhathi usahamba kwindlela yokuphila-hlala ukhumbula ukuthi ngihamba phambi kwakho,ukuthulisa ulwandle olugubhayo,ukugcwalisa isihosha esingenamanzi,ukukhanyisa indlela yakho  nokuyicaba ukuze ikuholele eduze kakhulu kiMina…

Awusoze waba ngolahliwe ngoba mina ingaphakathi lakho ngiyolenza ikhaya lami .Lezontaba eziphambi kwakho sezime iminyaka ,kodwa mina ngiyoma nawe ingunaphakade   –   ngalowo engamthumela ukuzofakazisa uthando lwami ngawe .

INdodana yami uJesu uliDwala lakho  – vulela kuye izandla zaKho futhi nebala uyoyithatha imithwalo yakho.

Amahubo  18:2 UJehova uyidwala lami,nenqaba yami noMkhululi wami;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,nesihlangu sami nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge