Qaphela !
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 6:1,2 “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Ukuzinyusa wena kuyinto embi .Abantu basho benze izinto esizweni ngokuzigqaja ,konke lokho bekwenza ngokokuthi bacatshangwe kahle ,akukuhle lokho .Kungani bekwenza abantu lokho ?
Ngike ngabona i-selfie omunye azithathe yona kwi-instagram mumva nje ,epha ukudla kumuntu oswele ezweni elimpofu .Ngempela ? Kuza kulelozinga nebala lokuziphakamisa phezu kwenhlupheko yalomuntu onjengawe naye ?
Kodwa futhi esizendeni sakho kuneqiniso elikhona kukho: ukuthi sonke siyathanda ukucatshangwa kahle .Siyakuthanda lokho .Ngakho kulomhlaba osheshayo ngama phone ezandleni zethu sonke sihlale sikulungele ukuthatha ngokushesha lesosithombe esizokwenza bonke babone ngingomuhle kanjani .
Futhi ngisho kungengebe ngempakamo enjalo engiqhubayo , ake uziphe ithuba u-scrolle kuma page abantu uzobona okuhle kodwa abaziveza ngakho .
Kunomucu omncane kakokitini ohlukanise umuzwa wokuzibona uhlabela phambili ungongcono ungomuhle kunye nalo wokuziveza umuhle uzikhangise wena –ngumucu lo okungelula ukuwuhlukanisa kalula kulezinsuku .UJesu waxwayisa …
NgokukaMathewu 6:1,2 “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo
umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu.
Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.