Qaphela Abafundisi Bamanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KuPhethru 2:1-3 Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo; nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa; nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
Uma sikholwa yinto ngokushisekela ,njengokuba nami ngilubekela ngishisekela izindaba ezinhle zikaJesu Khresu ,ivangeli ,kugcina sekuyi risk lokho . Irisk enkulu impela ngangokuthi ukulangazelela kwethu kungagcina kusiholela ophathe .
Ngesikhathi ngizinikela kuJesu ngangisesikhathini esintekenteke empilweni yami lakhona ngangingolahliwe . Futhi nakuba ngangikufuna ukumkholwa kodwa nganginovalo lokuthi angizukuholeleka ophathe yini ngigcina ngikholwa yinkolo esethinini .
Ngiyambonga uNkulunkulu ukuthi wangiholela ebandleni elalilincane kodwa umfundisi wakhona wayefundisa ngentobeko iZwi likaNkulunkulu.
Angizange ngikuqaphele ngalesosikhathi kodwa sengikubona manje ukuthi empilweni yakhe nakulabazalwane ababebancane kulelibandla ,indaba yayingengabo kodwa yayingoJesu. Kodwa akuhlali kunjalo ,ngisho nasemabandleni amakhulu aphumelelayo akhula ngesivinini.
2 KuPhethru 2:1-3Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo; nabaningi bayakulandela amanyala abo;
ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa; nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
Ubaqaphele abafundisi bamanga .Babizanela kubo esikhundleni sokukubizela kuJesu Khrestu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..