Qhamu Thushu !
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Nakhu la esesikhona .Lusuku lukaNkulunkulu nantu seluthi qhamu thushu !
Ngakho ake ngiqale ngikufisele ukhisimusi obusisekile kunye nabathandiweyo bakho bonke -ngoba noma ngabe izimo zakho zithini ,namhlanje lusuku lwakho olukhethekile lolu .
Okay, ngakho ungumuntu osethokozele oKhisimusi abaningi iminyaka edlule .Mhlawumbe sebephenduke into ejwayelekile ewumgqigqo owujwayele ,lolusuku oluba yi date eyodwa njalo ,angikutshele ukuthi uKhisimusi ungaphezulu kwalokho .
Ake ngikubuze uma kungukuthi uNkulunkulu ubefuna ume uziphe isikhathi naye ,uma ubefuna wazi ukuthi ukuthanda kangakanani ,iyiphi endlela edlula zonke abengayenza ?
Futhi bekungabukeka kube nhloboni yento ? Yebo bekungafana nokundlela esikugubha njalo ngoKhisimusi .
NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Kungani uJohane ethi uJesu waba ngu “Lizwi”? Yingoba uJesu iNdodana kaNkulunkulu ikhuluma ngolimi esingaluqonda .UJesu unguNkulunkulu osondela kithi ngendlela eseduze –kuwe nami –ethi , “nangu enginguye .
Nansi indlela engikuthanda kakhulu ngayo ,ngokunikela ngeNdodana yami okungukuphela kwayo ukuze nilubone loluthando .Ukuze kuthi ngokukholwa ,kulokho akwenza ngokufa kwakhe esiphambanweni ungathethelelwa .
Ukuze kuthi ngokuvuka kwakhe ube nokuphila .Ukuze kuthi ngokuvuka kwakhe ube nokuphila okusha ,ube nakho kuchichime ,impilo engunaphakade ”.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.