... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Qhubeka Uya Phambili

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Izikronike 16:11,12 Funani uJehova namandla akhe .Nifunisise ubuso bakhe njalo.Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe ,nezahlulelo zomlomo wakhe .

Listen to the radio broadcast of

Qhubeka Uya Phambili


Download audio file

Mase amanzi esengaphezu kwentamo  ,siye sifuna ukulahla sidele .Amandla ethu ahluleke ,amehlo ethu abe mfiliba ,izandla zethu ziyethe ,ugqozi lokwenza noma yini uNkunkulu asibezele ukuyenza silubone aluseko .Yebo mase sekukuxakile ufuna ukudela .

Nginesiqiniseko sonke sinazo izinkathi ezinjalo ezimpilweni zethu .Sikhathi thizeni kwakunogqozi  ezinhliziyweni zethu ngempilo esasiyiphila ….kodwa manje leyonhlansi ayisekho .Konakalaphi?

Kube sengathi sibhekane nenkungu emgwaqeni  –kukabili kuba ngukuthi silokhu sincenga kancane kuyo sisebenzisa lowomdlandla omncane wokuba semgwaqeni ,kumbe sivese sijike sibuyele ekhaya .Kumbe sigcine ngamazwi athi  : Konke kuncike kimi ,ngimelwe ngukuqhubeka ngiya phambili . Kumbe njengokusho kuka- Bruce Wilkinson mayebhala encwadini yakhe esihloko sithi , “The Prayer of Jabez-Umkhuleko kaJabesi ” … Sengihambe kakhulu ,ngagcina ngiphethela endaweni okungeyiyo .Futhi njengokuba sengivele nginakho konke engikudingayo okuyizinsiza ,ngidinga ukuphuma ngokushesha!

Kodwa ubungathini umka ngingakutshela ukuthi ikhona enye indlela yesithathu engcono kakhulu .

1 Izikronike  16:11,12 Funani uJehova namandla akhe .Nifunisise ubuso bakhe njalo.Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe ,nezahlulelo zomlomo wakhe .

Lokho mina nawe engingasebenza ngikuzuze ngingedwa kuyi-teasponn nje olwandle uma kuqhathaniswa nalokho uma sisebenza noNkulunkulu ,ngesikhathi amandla akhe egeleza kithi .Ngilalele ,wawungadalelwe neze ukuba loluhambo uluhambe wedwa  .

Funani uJehova namandla akhe .Nifunisise ubuso bakhe njalo!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy