... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sekuyisikhathi Sokuphenqa Ikhasi Elisha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 3:13,14 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni,emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Namhlanje sesisondele ukuvala unyaka wethu ,kusasa ,qede njalo sekuqala unyaka omusha .

Ngakho sekuyisikhathi ukukhohlwa yizolo qede amehlo siwathi njo kwikusasa .Emva kwakho konke mingaki iminyaka ekusalele emhlabeni ukuyiphila ?

Wena ngokwakho mingaki ekusalele kulomhlaba? Futhi yikuphi ofuna ukukwenza ngaleminyaka ekusalele ,ngalesikhathi esidlulayo esesikusalele udla anhlamvana kuleli lakwamhlaba,ungasho?

Eqinisweni into embi kunayo yonke enye ngukuqhubeka siphila kwizolo lethu –singakwenza lokho ngokuhlala sicabanga izikhathi ezimnandi ezadlula  kudalo,kumbe ngokuhlala siququdwa  yimizwa yobuhlungu yokulilmala esabhekana nakho empilweni kwizolo lethu.

Njengokuba usuke wabona ,uma kuwukuthi ubuhambisana nami ,uPhawuli indoda eyabe  ingumkhapheli weBandla lokuqala ,wayenokuzisola okungaba kuningi phezu kwabo bonke  ,kodwa esikhundlenii sokulokhu ejeqeza emahlombe akhe ,ake sizizwele kuye luqobo  eyicana lendaba :

KwabaseFiliphi  3:13,14 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni,emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Shlobo  bese kuyisikhathi sokuvala ikhasi elidala lonyaka omdala ,qede sivule ikhasi elisha lalonyaka osemnyango nalowo olandelayo .

Bese kuyisikhathi sokuthi ukhohlwe yizolo qede ugqolozele ikusasa lakho uwabeke athi njo amehlo kulo ungacwayizi ,ubuke ikusasa phaqa ngenxa yalokho uJesu akwenzele khona .

Khohlwa yisemumva  qede ugijime kakhulu ukuze uqede umjaho wakho  lakhona ulindwe ngumklomelo omkhulu  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy