Sisashisa Namanje Isihogo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Jeremiya 6:16-19 Usho kanje uJehova uthi : “Yimani endleleni nobone ,nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle ,nihambe ngayo ,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu ,kepha bathi ‘asiyikuhamba ngayo’ ,ngalokho zwanini …bheka ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu ,izithelo zemicabango yabo ,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami ,nomthetho wami bawulahlile .
‘Isihogo ’ Yigama elingavelele kulezinsuku Kulungile –ke .Kodwa inkinga ekhona ngukuthi isihogo asiwona umcabango wokufunisela nje kodwa siyindawo ekhona ,eyesabekayo ,enengekayo ,okuyilapho abaningi bayokhala kuyo bephila kuso ingunaphakade labo lonke behlukene noNkulunkulu .
Ngiyazi ,ngiyazi ukuthi ,kukhulu lokhu ,angithi? Kunenkulumo elokhu ijikeleza kwi social media kulezinsuku ethi :
Sidinga abashumayeli abozoshumayela ukuthi isihogo sisashisa namanje ,nokuthi iZulu lisekhona ,nokuthi isono sisesibi namanje,nokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ,nokuthi uJesu nguYe kuphela oyindlela yensindiso .
Angazi ukuphi empilweni .Mhlawumbe awukaze ucabangisise ngengunaphakade lakho .Mhlawumbe sewuke wakholwa nguJesu ,kodwa wagcina sewuphila ngokokungathi akukho lutho olwenzekile .Kumbe ubuke wakholwa ngayo yonke inhliziyo yakho ,kodwa kwezinye izinsuku ulingeke ukuhamba lugugube njengenkalankala .Ngakho uma kungukuthi usuke wazithola uzibuza uziphendula ngengunaphakade lakho ….
Jeremiya 6:16-19 Usho kanje uJehova uthi : “Yimani endleleni nobone ,nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle ,nihambe ngayo ,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu ,kepha bathi ‘asiyikuhamba ngayo’ ,ngalokho zwanini …bheka ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu ,izithelo zemicabango yabo ,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami ,nomthetho wami bawulahlile .
Njengokuba uNkulunkulu wenza ngo Israel ,angahamba ahambe aphelelwe ngukukubekezelela .Ngakho nxa usema ezimpambanweni zezindlela usacabanga indlela yakho ezokuyisa phambili ,yazi lokhu :
ukuthi isihogo sisashisa namanje ,nokuthi iZulu lisekhona ,nokuthi isono sisesibi namanje,nokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ,nokuthi uJesu nguYe kuphela oyindlela yensindiso .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..