The Lord Gives You Power
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 3:16,17 Enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.
Sewake waqaphela ukuthi abanye abantu banamandla okuphikelela ngisho bebhekene nezivunguvungu empilweni kodwa uthole ukuthi abanye zibenza babe mavikithi bengasazi bagalele kanjani kucace kuphuka zona izinduku ?
Kulezinsuku ezimbalwa besilokhu sikhuluma ngalokho ukuthi uNkulunkulu usinika kanjani amandla lakhona sehlelwa zinsuku ezimnyama kakhulu empilweni , njengoba zenzeka kwizigaba ngezigaba empilweni .Kodwa kungaba nzima kwesinye isikhathi ukubambelela ezithembisweni zikaNkulunkulu uma kunzima kakhulu esibhekene nakho .
Ngenxa yokwehla kwenyuka kwemizwa yenhliziyo yethu eyenza kube nzima ukumukela nokuvuma amandla uNkulunkulu angasipha wona nakuzo lezozikhathi .Mhlawumbe yingakho uPhawuli umphostoli wakhuleka lokhu ngabahlobo bakhe :
KwabaseFesu 3:16,17Enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.
Yeka umthandazo omkhulu kangaka ! Futhi ungomunye wemithandazo engikuthandazela wona namhlanje nawe ,ukuthi uNkulunkulu avule amafastela ezulu qede athulule amandla akhe kuwe ,phezu kwakho ukuze noma kuqhamukani ube ngoqinile kakhulu emoyeni wakho .Futhi ngokungangabazi ngiyazi ukuthi uzokunika wonke amandla owadingayo ngesikhathi usacwila kuMoya waKhe .
Kwangathi iNkosi yethu uJesu Khrestu ahlale enhliziyweni yakho ngokholo . Engathi angakuqinisa othandweni lwakhe ngokholo !
Ngoba yisethembiso sakhe leso
iZwi laKhe … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.