Ubhabhathiso LukaMoya Ongcwele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 1:7,8 Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”
Ngakube sewuke wazibuza ukuthi ekaze ubhabhadiso lungani ingempela ? Lisiko elidala eliqhubeka ligcinwa kumakhulukhulu eminyaka –laqala ebuJudeni lase liza kuBuKhrestu .Ngisho uJesu wabhabhadiswa .
Ngakho ake singene kulo .Izolo sibonile uJohane umbhabhadisi oweza ukuzolungiselela indlela kaJesu ngokubiza abantu ukuba babhabhadiswe ,ukukhombisa ukuthi bayafuna ukuguqula izimpilo zabo ;ukudedela izono zibaleke kubo ezabe zinesikhathi zibambe imiphefumulo yabo .
Konke lokho kuhle –wonke umuntu owayevela eJudiya ngisho iJerusalema lonke ngokwesikutshelwayo ,bonke beza ngobuningi babo kulomlisa osehlane bezokwenza lokho kanye .Ngakho wayelungisa indlela yeNkosi ,evula izinhliziyo zabantu ngalelisiko elijulile lokuhlanza .
Kodwa awusho ngakube sewake wazama ukuziguqula wena luqobo ; ukulwa unqobe lezonjwayelo ezinamathele ngokujulile kuwe ,ezimunca impilo kuwe ? Mancane amathuba okuthi kungenzeka lokho .Ngakho ….
NgokukaMarkhu 1:7,8 Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza
onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”
Nebala ukhuluma ngoJesu onokuningi angakusho ngokucwiliswa ,ngokubhabhadiswa ,ngokuguqulwa ngamandla kaMoya oNgcwele .
Uma uzamile ukulwa nesono wehluleka [futhi ubani ongazange wahluleka?] yazi lokhu .Awumelwe ukuhamba leyondlela wedwa .Ngoba usefikile ozokubhabhadisa ngoMoya oNgcwele .UJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.