Ububi Buyoma Nini ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 25:46 “Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”
Kukho konke okuqhubeka emhlabeni ,kwenza iningi lethu lizibuze ukuthi –kanti bonke lobububi buyoma nini ? Lokho akuwona umbuzo nje kodwa ngumbuzo ngempela ofanelwe ngukubuzwa ukuthi kanti kuyoma nini ingempela ?
Kungani uNkulunkulu wothando avume kube nokulimala okungaka ezisulwini ezimsulwa ezingenacala ,iningi lazo zingane ,ziyabulawa ,zinqunywe izitho ezithile ,zihlukunyezwe ? Kungani abacebile beqhubeka beceba abampofu begqisheka ngokwedlulele baze babhashe ngubumpofu ?
Kungani evumela ukuba lomuntu thizeni empilweni yami ,amyekele nalokhukuziphatha okubi kimi ? Kungani angavese akunqume kuphele nya loNkunkulu wothando na?
Kodwa inkinga iningi labantu ababuza lombuzo abamvumeli uNkulunkulu asho noma yini le engaphambana nemizwa yabo .
Yonke lenkulumo yamakholwa yezulu nesihogo ,isono nokulunga ,ukwahlulela kukaNkulunkulu .Nembala lokho akukho right futhi !
Manje uma ungamfuni uNkulunkulu wokwahlulela usala nobubi .Uma ufuna ububi bume ngakho uzomdinga uNkulunkulu ozokwahlulela ngobulungiswa nokulunga .Futhi kungalesosizathu kanye uNkulunkulu washo lokhu :
NgokukaMathewu 25:46 “Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”
Kahle hle ukulunga kukaNkulunkulu ,ukwahlulela kwakhe kunye nokujeziswa kwengunaphakade okuzayo kuzela labo abamkhafula ezimpilweni zabo ;yinto le uJesu akhuluma ngayo kaningi .
Awukwazi ukuba nakho nhlazombili.Uma ufuna ukuba masisha ububi bume,uyamdinga uNkulunkulu ezokwahlulela ububi .Ebese labobantu ababi bayonyamalala baye ekwahlulelweni kwaphakade .Kuyofika ekugcineni .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.