... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubufakazi Bokholo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 14:21,23 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Listen to the radio broadcast of

Ubufakazi Bokholo


Download audio file

Ngakube sewuke ukhathazeke ngokuthi ekaze abantu bayakuqaphela yini ukuthi uhlukile ? Mhlawumbe ngobumnene,ububele,intobeko ,imfudumalo …inhlakanipho.Kumbe abakutholi lokho lutho sanhlobo kuwe ?  

Lokho kuyinselelo ikakhulukazi uma uzibiza ngoMkhrestu .Ngoba phela ekugcineni kwakho konke umelwe ngukuhluka .Futhi lokhu kwehluka ,kuyazifikela ngisho ungafune kukuzwa bekusho ,kulethwa ngukulalela kwakho.

NgokukaJohane  14:21,23 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena

ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Uyabona ukulalela uJesu ngokwakho kuzimele akusisindisi ,kodwa ngukwenziwa kwakho ,ubufakazi bokholo .Ngamanye amazwi ,sikhombisa ukholo lwethu  ngokulalela uNkulunkulu .

Kodwa njengokuba u- A.W. Tozer wakhomba ukuthi , ukuphunyuka ephutheni lokusindiswa ngemisebenzi ,sesiwele ephutheni lasohlongothini olunye  lwensindiso ngaphandle kokulalela .

Siqala sibukeke  ngokuhlukile ,sime ezixukwini sigcwele intokozo ,uthando ,izibele,uma senza ngqo lokhu  uJesu asitshela ukukwenza .Kodwa ngeke ufinyelele  kulokho  ngokwakho .Lutho nhlobo!

Yingakho uma uzihlela ukulalela uJesu ,Ubukhona baKhe bukugcwalisa ngenkazimulo yakhe  abantu abangeke bengayiboni ;ngothando lokuthanda abangathandeki ; ngobuhle nawe luqobo okungebona obakho .

Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayoYilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.