... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubungcwele 101

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 12:14 Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.

Listen to the radio broadcast of

Ubungcwele 101


Download audio file

Ngingake ngikucele ukume ucabange namhlanje ukuthi yiziphi izinto eziseqhulwini kuwe ? Ngoba izinto ezizeqhulwini kuwe yizo ezigcina zigwedla ziqondisa impilo yakho la  eya khona .

Uma singacabangi ngokuseqhulwini kithi sigcina sesenza nje into mayiphambi kwethu sesingabantu abangenambono .Futhi kuyamangaza ukuthi impilo ishesha kanjani .

Okuseqhulwini okukhulu kimi ngukunika uNkulunkulu inhlonipho emfanele .Ngiyacabange ngikhuleke ngalokho njalo ekuseni .Kuyangithobisa ukuthi uJesu wafa ukukhokhela izono zami .Ngakho ngiyamthanda ngimfuna ukumhlonipha ngeqholo elimfanele ,ngifuna ukuphila impilo yami ngiphilela yena .Yimi lowo .Kuwe sihlobo sami yikuphi okuphambili ohleni lwempilo yakho ?  

Ngenhlanhla njengokuba sibonile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ,asimelwe ngukuzama ukwenza lokho ngokwethu .Kholwa nguJesu futhi uthumele uMoya waKhe ,ukukunika amandla ukuhlanza izenzo zethu ;njengokuba abafundisi bethi ‘ukuhlukaniselwa ngokungcweliswa’.

Kodwa iqhaza lethu kulokhubambisana ngukuhlonipha uNkulunkulu kube seqhulwini kube yinto yokuqala ukudlula zonke ezinye .

Yiwona mehluko phakathi kwekholwa  nomfundi ;phakathi komuntu oletha ukuchitheka ngobuchopho ukuthi uJesu wamfela ,nakulomuntu ophila impilo yakhe yonke  eyiphilela uJesu .

KuMaHebheru  12:14 Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.

Ngamanye amazwi yenza ubungcwele bube seqhulwini empilweni yakho ,kwenze ukunika uNkulunkulu iqholo kube yinto yokuqala empilweni yakho ,yenza ukuphila nokuphefumula kwakho uphilela Yena –kube yinto yokuqala ohlwini.

Ubungcwele –ubungcwele bakho bungukubambisana .Akumele ukwenze uwedwa ,kodwa unalo iqhaza elikhulu okumele ulidlale .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.