Ubusisiwe O …
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaPhethru 2:1 Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke
Indlela esibabuka ngayo abanye abantu incike kakhulu ekutheni sibaphatha kanjani .Futhi indlela esibabuka ngayo ayivamisile ukuba ngenempilo .Ngakho ake ngibuze kunini lakhona owake wasusa ugongolo emehlweni ukuze ubabone kahle?
Kuningi ukubuka esinquma ngakho ukubukeka komuntu ngokwengqondo yethu .Umhawu ngokunye kwakho ukubuka .Ukungathembeki kuye sibe ngabaangboni emehlweni ngenye yezindlela yokubabuka leyo.Njengokuba kuyintshisekelo yethu ukuthi sicatshangwe ngokwezinga elihle neliphakeme ,nokuba izinto zihambe ngendlela yethu .Uma bengingabuza lolohlobo lwezibuko esibabuka ngazo luwugqinsi kangakanani ,olugcina selusibonisa okungesikho? Futhi kungakanani lokho kubuka okugcina sekusiholela ekuziphatheni okungekuhle ?Ekuchilizeni abantu ,sibalimaze ,ekungathembekeni ,ekubeni nomona ngabo nasekubahlebeni ?
Ngingakukhuthaza yini ukuma ucabange emumva ngalowamuntu owamlimaza wamenza wazizwa engenankuthalo … ngokwezinga lokuthi nawe uthi mawucabanga uvese uzisole ngaleyonkambiso yakho kuye?
Futhi ake kuthi ngesikhathi usabuka emumva le ngokwenzeka ,akuvumele uNkulunkulu ukubumba kabusha lobobudlelwane obalimala :
1 EkaPhethru 2:1 Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke.
UNkulunkulu uBaba wethu ,njengobaba bonke uthanda ukuba zithandane izingane zakhe njengokuba naYe ezithanda .Yeka amandla okubonakala kothando lwaKhe ,uma sithanda labo abasizungezile sibathanda ngothando ncimishi asithanda ngalo .Futhi njengokuba kukhona owake wathi …..
Ubusisiwe ofunde ukuncoma hhayi abe nomhawu,ukulandela hhayi alinigise ,ukudumisa hhayi adle izithende zomunye ,nokuhola hhayi aqhoqhobale abantu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.