Ubuwula Besiphambano
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 1:18,19 Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.” Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?
Ngingakubuza namhlanje ukuthi ukhaliphe kangakanani ? Ngesikhathi usabuka emumva empilweni yakho ,sewulandele kanjani endleleni yabahlakaniphile ? Mhlawumbe wenze kahle kakhulu .
Hleze njengami ncimishi ,engangena kuleyondlela kaningi kodwa imiphumela yaba yincithakalo .
Inhlakanipho yinto exakanayo .Inhlakanipho kungenzeka ihluke enhlakaniphweni yakho –emva kwakho konke singabantu abahlukene futhi ababhekane nezinto ngokwahlukene ,sinemumva elehlukene ,amasikompilo ehlukene imbala .
Futhi njengokuba inhlakanipho idala ikhulisa i-experience ethile ekuphileni ,mina nawe lokho kungenza sibe nokubeka okuhlukene mase kuziwa ochazweni lwayo .
Ngisemusha kakhulu ngangizitshela ngikhaliphile ngihlakaniphile .Mangase kuthiwe wawunginike ukubala ngokwe score esisuka ku 0-siya ku 10 ngangizonika u 8 ½ … okuluphawu impela olusho ukuthi ngangihlakaniphile kodwa hle hle ngangikhukhumele .
Kodwa emva kwalokho ngeza ngahaqazela ,ngawa ngobuso bami ….okwathi ngisesimweni esasinzima empilweni yami kulapho kanye engathola inhlakanipho eyabhubhisa yaqeda nya inhlakanipho yami yasemhlabeni :
1 KwabaseKhorinte 1:18,19 Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo
lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha
kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.” Siphi isazi na? Uphi umbhali na?
Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?
Ngisho singazitshela sikhaliphe sihlakaniphe kangakanani ,noma ngabe sibe nokuzitshela kungubuwula obungakanani lendaba yobuKhrestu ,inhlakanipho kaKhrestu ,ukuzinikela kukaNkulunkulu uqobo ukusindisa abantu abanjengami nawe ,kungamandla ,amandla kuphela angasisindisa oqobweni lwethu asisindisele ingunaphakade lonke .
UJesu uguqula konke .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.