... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uguquko Lwenhliziyo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 3:8 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.

Listen to the radio broadcast of

Uguquko Lwenhliziyo Yakho


Download audio file

Sewake wazama ukukhahlela uhlukane nenkambiso eyisimbelambela embi ? Akulula .Kungaba  ngukubhema , ukudla into okungafanele uyidle ,ukuhleba ,ubuvila ,ukuhlupha emsebenzini ,noma yini ,siye sizabalaze ukuhlukana nakho ,okugcina sehluleka ekugcineni  .

Uqobo lweqiniso ngukuthi ukuguquka ezimpilweni  zethu ,ukuqala  indlela  entsha yokuziphatha ngokwethu ,le okuyiyona esiyifunayo ,le esiyaziyo yiyo efanele ,kuba nezinga elithile lobunzima ukwenza kwenzeke.

Njengokuba uJohane umbhabhadisi ,mumva le ,wayelungiselela u-Israel ukufika  kukaMesiya  uJesu ,wathi :

NgokukaMathewu  3:8 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.

Ukuphenduka kuntonye nokuguquka kwenhliziyo .Futhi ukuguquka kwenhliziyo ngokokubuka kukaNkulunkulu kuyinto eholela esithelweni esisha ,ukubonakala okusobala ngokwendlela esesiphila ngayo ekhomba ukuthi sesibuyele kuye .

Njengokuba u-A.W. Tozer ekubeka kanje , uma singaguquliwe ngumusa kaNkulunkulu kuchaza ukuthi asisindisiwe ngumusa kaNkulunkulu .

Ngiyafisa ukuthi impela sengathi  bengingazichoma izimpaphe zegwalagwala ngithi ngiziguqulele mina impilo yami .Kodwa lokho bekuzoba kungamanga akuhlaza cwe .Amandla okuguquka eza kuphela uma sivula izinhliziyo zethu kuNkulunkulu  qede sizisonge emseni wakhe ongachazekiyo  ongakholakaliyo ,ngomnikelo kaJesu kulesosiphamabno  ukuhlawulela icala lesono sethu  .

Kodwa ukuguquka simelwe impela . Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.