Uhlelo Lwakusasa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 12:16-19 Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. 17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’ 18 “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. 19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’
Kuyahlekisana ukuthi nakuba sazi ukuthi kunosuku oluzayo sizodlula ngalo siye kwelizayo ,kodwa inkinga usuku nosuku siphila sengathi sizophila kulomhlaba ingunaphakade naphakade .
Sinezinhlelo ngolwakusasa ,zesonto elizayo ,zenyanga ezayo ,ngisho nezonyaka ozayo .Kodwa lusuku lumbe konke lokho kuhlela okubhalwe kuma diary ethu kuyoba yinto engelutho engasho lutho futhi .
Ngakho umbuzo esidinga ukuzibuza wona ngothi : ngakube sengikulungele ukuhamba ? Hle hle wena sihlobo sami sewukulungele yini ? Ngoba nakuba sonke sithemba ukuthi sizophila impilo ende nenempilo ,kungenzeka kungabii wuhlelo lukaNkululunkulu sanhlobo .
Uyawukhumbula umfanekiso kaJesu ngesiwula esasinothile esasinomhlaba waso owawukhiqhize kakhulu ?
NgokukaLukha 12:17-19 Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.
17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’
18 “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.
19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’
Ake uqaphele ubukisise lokhu kukhuluma – Ngizakwenza ,ngizakwenza ,ngizaku,;kwami ,zami ,yami,wami . Yeka impumelelo esengiyizuzile ! Ngizokwenza lokho umhlaba ongifundise ukukwenza ,ngizonqwabanela ingcebo yami ,ngizoziphilela impilo emnandi ngizozijabulisa .
Kubukeka sengathi wayenohlelo oluhle ngempilo yakhe lomuntu ngaphandle kwephakade elalingabaliwe kuloluhlelo .Sizobona kugcina kuphetha kanajni ngaye kusasa kodwa okwamanje ,ngingake ngikubuze lombuzo : ukulungele ukuhamba na? Usukulungele ukuhlangana noMdali wakho?
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.