UJesu Ongehli Kahle
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 25:41 “Khona(INkosi) iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
Okunye kokugxekwa okukhulu kwamakholwa kulezinsuku ngukuthi ayahlulelana. Emhlabeni onguvuma zonke ,lababantu abamemezela ukuthi bakholwa wuthando lukaNkulunkulu ,pho kwenzeka kanjani babe ngabahlulelanayo na ?
Enye yezinganekwane ede izungeza emhlabeni engamampunge ngeyokuthi uJesu wakhuluma kuphela izinto ezigcwele uthando lodwa . Akazange agxeke bantu njengoba ‘lamaKhrestu’ enza wona .
Ngokwengxenye lokho kushiwo ngokungazi.Kodwa ngenye yezindlela yokuzivikela eqinisweni levangeli komqondo wesimanje ovuleke ukuvumela konke ,izindaba ezinhle zikaJesu ,yebo nebala ezibandakanya umusa kaNkulunkulu, kodwa futhi akupheli lapho ,kukhona nokuguquka ,ukuphenduka ukushiye lokho okubi obukwenza .
Bekungayiyiphi indlela engcono yokuzivikela kulokho ngale kokuthi , uthi uJesu wathanda wonke umuntu wamukela wonke umuntu,ngaphandle kwesidingo sokuba baguqule izimpilo zabo baziguqulele kuYe ?
Bese kuyisikhathi sokuzihlola .Awuvese ungene qiniso kusenje :
NgokukaMathewu 25:41“Khona(INkosi) iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
Lapha nguJesu ekhuluma ngomfanekiso ongosuku lokwahlulela oluzayo kithi ngamunye . Kahle hle uJesu wakhuluma kakhulu ngosuku lokwahlulela oluzayo nesijeziso salabo abangamlaleli uNkulunkulu nalokho okuyobehlela ngamhla selufikile .
Akuzwakali kuyizindaba ezinhle sanhlobo ,kuze kube ngukuthi usuyaqonda ukuthi wakufela ,ukuze uthethelelwe izono zakho . Ungakhohliseki .USuku luyeza . Izindaba ezinhle ngukuthi uJesu weza ukukusindisa .
Yilona nebala iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..