... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJesu Ongavelele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 53:3 Yayideleliwe yashiwa ngabantu,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga nto yalutho.

Listen to the radio broadcast of

UJesu Ongavelele


Download audio file

Kulezinsuku abantu abanomthelela omuhle emhlabeni bavamisa beba nokuvelela . Kodwa ngakube lelisikompilo lethu lobu celebrity kulezinsuku selenze kwanganakeka kwagqibeka umehluko owenziwa ngabanomthelela omuhle?

Ake ucabange noma ubani owenza umehluko omkhulu emhlabeni ,okuzothi ngale kokuze umbe  ngokujulile , uzoshesha uzitholele ukuthi babhekana nokuphikiswa okumangalisayo. 

U-William Wilberforce, owanqoba ukuthengwa nokusetshenziswa kwabantu njengezigqila ngokusemthethweni embusweni wamaBrithani ngo 1807.U- Nelson Mandela owaqeda ngokusemthethweni  ubandlulula lapha kwelakithi e-Ningizimu Afrika ngo  1994.Bobabili lababantu babhekana nokuphikiswa nabamelana nabo kanzima –uMandela yena waze wagwetshwa iminyaka engu 27 ejele esqhingini.

Namhlanje ,sibuka emumva kubona  (abantu nje ababili,angithi ,kodwa kunamadoda nabesifazane abaningi abenza umehluko ) qede sibanike iqholo lenhlonipho enkulu. Kodwa esikhathini belelwa lombhidlango ,babeshawa ngesithende ,bephikiswa kuwuthuli  lwezichwe. Kungani ? Ngoba ukuletha umehluko omuhle , kuvamisa ukubandakanya ukubhekana ne-system esuke isimbelwe yajula yayinsika ecindezela abaningi kodwa izuzise abambalwa .

Pho manje yini le esenza sicabange ukuthi uJesu wayevelele ezinsukwini zakhe na ? U-Isaya owaphrofetha ngoJesu kusenamakhulu eminyaka, nakhu akusho :

Isaya 53:3Yayideleliwe yashiwa ngabantu,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso  ngabantu,asiyishayanga nto yalutho.

Futhi yilokho nebala okwenzeka . Waboshwa ,wadelelwa ,washaywa. Izixuku zazikhipha wonke amaphimbo zimemeza ngokufuthwa abaholi bezenkolo ngenxa yokuthi amandla abo ayevivinyekile ngobukhona kukaJesu , zazithi , “mbethele .” Okwagcina ngakho ukumbethela esiphambanweni.

Manje ,yini le esenza sicabange ukuthi uJesu akusho ,akufundisa okwamenza wangaduma ngalesosikhathi ,kuzomenza adume manje ?

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..