... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukhethiwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:2 Kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu

Listen to the radio broadcast of

Ukhethiwe


Download audio file

Ngiyazibuza ekaze kuba njani kumdlali osuke ekhethwe ukuyomela izwe lakubo kumncintiswano wamazwe omhlaba .Leloqholo othenjwe ngalo ,leyonhlanhla .Kuyamangaza!

Mhlawumbe sewuke wakhethwa ukunikwa iqholo elinjalo kumbe uzifanela nami awukaze ukhethwe .Iningi lethu singabantu abangaziwa abaziwa nje ngabantu abaphila nabo eduze nomndeni kuphela [futhi asethembeke ] sihlale sizitshiwe ngabanye abantu  singaziwa sanhlobo .

Mhalwumbe yingakho bebaningi abalambela ukubonwa kodwa bembalwa abakutholayo .

Kuyinto ebuhlungwana ngoba ,uxoxa nomuntu noma ubani nje ,uma umba phansi ekujuleni ,uthola ukuthi ngumuntu lo oyisimanga onomlandu wakhe  omangazayo ,nesemumva lakhe okuthi uma ulilalela likumangaze ngokwalo  nalo .

Yebo nebala uNkulunkulu akadingi ukukhuluma nathi ukuze athole lokho ukuthi singobani qede amangale.Uvele uyazi .Futhi wena kanye ,emehlweni akhe ungovelele nogqamile kakhulu  yingakho wathumela uJesu ukuzokufela  ukuze ube   sebukhoneni bakhe kusuka manje kuya ephakadeni .

Futhi uma lokho kungumyalezo ozwakalayo kuwe ,uma uwukholwa ngenhliziyo yakho yonke ,ngakho yazi lokhu  :

1 KwabaseKhorinte  1:2 Kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo

abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu

Ukubambile lokho ? Ukhethiwe ubiziwe ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu   abangcwelisiwe ,abahlukaniselwe inhloso  ethile ;ukuba yingxenye yomzimba wakhe ;ukumela kulomhlaba onobuhlungu nodukile .Sihlobo sami wakhethwa ukuba  yingxenye yabangcwelisiweyo baKhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.