Uku-blocker Usathane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 4:7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela
USathane uyashisekela ukudlala ngenhliziyo nengqondo yakho . Ungalenzi iphutha ukukhohlwe lokho ukuthi usemsebenzini wokukususa kuNkulunkulu ,akugudluze ekulandeleni uJesu .Manje pho ubhekana kanjani nalokho na?
Mhlawumbe nembala uyakholwa ukuthi ukhona umoya wobubi kulomhlaba –uSathane ,uyimponjwana uqobo lwakhe ,uyise wamanga –mhlawumbe awukukholwa lokho .Kimi kucace ngokusobala ukuthi uJesu wayekholwa ngubukhona bukaSathane lokho kuphelele kimi ukukwazi .
Futhi ake uqalaze .Amanyathelo ezimbexula ezimbi zezinyawo zakhe ayabonakala yonke indawo kulomhlaba .Futhi usembhidlangweni wokugudluza ekuthwaleni isiphambano sakho ekumlandeleni uJesu ,akudonsele kwingunaphakade naye esihogweni namadimoni.
Uma kungukuthi usuke wabambana naye ,uzokwazi ukuthi nakanjani ungusomaqhinga omdala uchakide bocololo uqobo lwakhe ,iqili elizikhotha emhlane elikwazi ukuqamba inkuzimalanga yamanga ongakaze uwaphuphe nom’ulele .Manje pho ulugwema kanjani ugibe lwakhe uma ukulwa naye kubukeka kuwukuhubha utalagu ?
EkaJakobe 4:7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
Impendulo ngukuthi kuqala ngokusemqoka uzithobisele kuNkulunkulu uzibeke kuYe ;uthandaze kuYe ,uye kuYe ngentshisekelo enhliziyweni yakho ukumnika indawo yenhlonipho emfanele ,ukumukela imiyalelo kuye ,ukwakhiwa,ukukhuthazwa nguYe ,iqiniso laKhe ngesikhathi ujule neZwi laKhe ulifunda .Uma wenze njalo uyoba nakho konke okudingayo ukumelana noSathane .Uyokubalekela.
Njengoba u- Billy Graham wake wakubeka kanje : “Okusemqoka kunakho konke qiniseka ukuthi iZwi likakNkulunkulu liyakugcwalisa lakhe busha umqondo wakho nsukuzonke .Uma umqondo wethu ukuKhrestu ,uSathane unentuba encane kabi ukugulukudela ezimpilweni zethu .”
Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
Shlobo sami ngesikhathi uqhubeka usondela kuNkulunkulu kusikhathi sinye uqhelisa isitha sakho kuwe esinguSathane .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.