Ukuba Seduze ,Ube Khona
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 12:15,16 Thokozani nabathokozayo ,nikhale nabakhalayo .Manibe nhliziyonye ,ningazindli okuphakemeyo ,kodwa yaneliswani ngokuphansi .Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Noma ubani okhulise izingane uyazi kusemqoka kanjani ukusondela eduze kwazo ngesikhathi zi-achiever empilweni kanjalo futhi nangesikhathi zibhekene nobuhlungu bempilo .Lokho sikwazi ngale kokucabanga .Kodwa kungani kusemqoka ?
Kunento mina nawe esingayiletha ebudlelwaneni ,enamandla ,ukuba nothando kakhulu phezu kokumdabukela umuntu .Lokho kudala amaxhama okuxhumana anganqamuki kalula .
Futhi phezu kokuba sazi ukuthi kusemqoka kanjani ezimpilweni zezingane zethu ,ndlelana thizeni kulula ukukhohlwa ukuthi kusemqoka ndlelanye nakubantu abadala bebodwa .
Kulezinsuku sixinekile ngubutasa bempilo ngingasayiphathi eyokuba online 24/7 ,okuze kuthi ngalobubutasa abaningi baze bakhohlwe ngisho nawukunaka izingane zabo zizwe ukushaya kwenhliziyo yabo eduze .
Ekukhulumeni ngokuthi ungayiphila kanjani impilo ewubuNkulunkulu ,uPhawuli umphostoli nakhu akubhalayo :
KwabaseRoma 12:15,16 Thokozani nabathokozayo ,nikhale nabakhalayo .Manibe nhliziyonye ,ningazindli okuphakemeyo ,kodwa yaneliswani ngokuphansi .Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Kuyinto ephathekayo kanjani lokho ? Kungaba yinto eluqobo ndlelani lokhu ? Kulokhukuphila singakwenza kanjani kubonakale phezu kwabo lobutasa ?
Bathande abantu ,phila ngokuthula nabo ,bakhombise ukuthi awukhukhumele ,ukwenze lokhu ngokusondela ezimpilweni zabo ,ngokuzwelana nabo ,ukugubha impumelelo kunye nabo ekuphumeleleni kwabo kanjalo nokulila nabo .
Kunesisho sabase -Sweeden esithi intokozo okucotshelelweneyo ngayo yintokozo ephindiwe leyo .Usizi okucotshelelwene ngalo lusizi oselunqamuke ingxenye lolo .
Ngakho kusuka namhlanje kuwe ,kwenze lokhu ;kungaba sezihlostheni ,abathandiweyo bakho ,osebenza nabo ngisho nabantu ongabazi sanhlobo … Thokozani nabathokozayo ,nikhale nabakhalayo
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.