Ukucobelela Omunye Lelivangeli Elingavelele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 12:10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
Isikhathi sikaKhisimusi yisikhathi esinemvumo eyedlula zonke ezinye izinyanga ngokukhuluma ngoJesu – Ungubani nokuthi wezelani ,nomehluko omkhulu angawenza ezimpilweni zethu . Yisikhathi esikhethekile .
Kodwa iqiniso yileli lokuthi akuyena wonke umuntu okulindele ukuzwa izindaba ezinhle ,abanye bazibeke kude le ,angithi?Abanye bayokuchwensa bakwehlise isithunzi ngokukhuluma ngezinto zikaKhrestu.Akuyona inkulumo emnandi kwabaningi ngisho esidlweni sikaKhisimusi .
Ngakho isilingo ngukwehlisa amandla omyalezo weBhayibheli uqale unyathele phansi ubuqiniso beZwi kulamalunga omndeni aphelele ndawonye ngokhisimusi . Kodwa nantu olunye uhlangothi ngukuthi ubuKhrestu obuvelele bunokungabi nabuqiniso .
Yebo nakuba kusongwa izipho eziningi zika Khisimusi kodwa simelwe ukuba nesu , yebo asimelwe ukubagwinyisa inkolo ngenkani ,kodwa kusemqoka ukubuka ukale isikhathi.
Kodwa sikhathi sinye ,akumele (uma simkholwa ngokweqiniso ) simukise namanzi izindaba ezinhle zikaJesu futhi asimelwe ukumangala uma abantu besithuka besidelela ngenxa yazo ,. Ubhala umphostoli Phawuli athi …
2 KwabaseKhorinte 12:10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
Yebo kungenzeka abantu bakuthuke .Noma kunjalo thola indlela yokubacobelela ezingoJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.