Ukufunda Inhlonipho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 19:9-11 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile ,kumi kuze kube phakade ,imithetho kaJehova iyiqiniso ilungile yonke .inxanelekile kunegolide ,kunegolide elihlanzekileyo eliningi ;imnandi kunezinyosi ,kunoju lwamakhekheba . Nenceku yakho iyayalwa ngayo ,oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu .
Izolo sikhulume ngenhliziyo efundisekayo ; ngamandla amakhulu amahle ezimpilweni zethu ,ukuvumela uNkulunkulu asilungise asiqondise . Kodwa asethembeke kuloludaba .Kwezinye izinsuku akubi lula .
Umelwe ukuzibuza ukuthi kungani kube nzima ngelinye ilanga ? Awusho ngempela . Inhlakanipho kaNkulunkulu imsulwa iphelele . Ekwehleni nasekwenyukeni kwempilo ,siyazi ukuthi uma siphila inhlakanipho yaKhe , akusikho kuphela ukuthi yenza okuhle kithi kodwa isiholela empilweni egcwele inkazimulo . Konke okuhle .Pho kungani sithwale kanzima ?
Yingoba kukhona lento ekhona ngokunikeza ulawulo komunye , ekubekeni phansi ilungelo esizitshela lingelethu ukukhetha esikuthandayo ,silinike omunye , ngisho kungathiwa lo Omunye nguNkulunkulu .Manje pho ithini impendulo ,singama kanjani ukuthwala kanzima ukungqubuzana nolawulo lukaNkulunkulu ? Singayibamba siyifumbathe kanjani lempilo egcwele okuhle esiyinikwa nguNkulunkulu ,siyibambe singajeqezi ukulokhu sifisa sengathi ngabe sizikhethele eyethu ?
Amahubo 19:9-11 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile ,kumi kuze kube phakade ,imithetho kaJehova iyiqiniso ilungile yonke .inxanelekile kunegolide ,kunegolide elihlanzekileyo eliningi ;imnandi kunezinyosi ,kunoju lwamakhekheba .
Nenceku yakho iyayalwa ngayo ,oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu .
Kanjani ? Ngokufunda ukumhlonipha uNkulunkulu. Ake ucabange abantu obahloniphayo empilweni yakho . Ukuthobela inhlakanipho empilweni yakho ngabo ,akubi nzima .Ngani ? Ngoba uyabahlonipha .Uyabathemba . Uyazi ukuthi indlela yabo izogcina iyindlela enhle kunazo zonke .
Mhloniphe uNkulunkulu .Izinto ezinhle ziyabafica labo abamhloniphayo.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..