Ukugwema Ukungena Emaphutheni Akho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 19:7,8 Umthetho kaJehova uphelele uvusa umphefumulo ;ukufakaza kukaJehova kuqinisile ,kuhlakaniphisa oyisiwula .Imiyalo kaJehova ilungile,ijabulisa inhliziyo,umyalezo kaJehova uhlanzekile ,ukhanyisa amehlo .
Ukumukela ukuqondiswa nokulungiswa akuyona into imvamisa sonke esilula ukuyijabulela . Nokho othola ukuthi yikho lokhu kuqondiswa nokulungiswa okuholela ekuphileni impilo ekugcwaleni kwayo .
Ake ucabange wonke amaphutha owenzile empilweni yakho .Maningi impela angithi ? Futhi imiphumela yawo igcina izwakala ekuhambeni kweminyaka ,hleze nanamhlanje .Nami ngiyakwazi lokho .
Kodwa bekungathiwani uma singazange sawenza lawomphutha kwakhona ekuqaleni ? Bekuzoba njani uma kungukuthi besibalalele abazali bethu ,abaholi bethu ,abasibumbayo ngekusasa … uNkulunkulu uqobo qede sisizakale ukujomba izinto ebezingenza singene emaphutheni alimaze impilo yethu ?
Nebala ngeke sikwazi ukuguqula izolo .Okwenzekile sekwenzekile. Kodwa singakuguqula ukuziphatha kwethu mayelana nokuqondiswa nokulungiswa kusuka manje kuya phambili.
Amahubo 19:7,8 Umthetho kaJehova uphelele uvusa umphefumulo ;ukufakaza kukaJehova kuqinisile ,kuhlakaniphisa oyisiwula .Imiyalo kaJehova ilungile,ijabulisa inhliziyo,umyalezo kaJehova uhlanzekile ,ukhanyisa amehlo .
Imibuzo engiqhubeka ngizibuza yona ngibuza uNkulunkulu usuku nosuku uma ngifunda iBhayibheli yilena : Nkosi kukuphi la ngiphazama khona ? Yimaphi amathunzi asitha impilo yami ?Ngingenza kanjani kangcono ukuba ngibe yilowo ongidalele ukuba nguyena ?
Angikaze ngibe nenhliziyo efundisekayo , okungakho kwezinye izinsuku ngithwala kanzima . Nokho nakhu engikutholile endleleni ;engathenjwa Yena . Wenza iziwula zihlakaniphe . Imiyalo yakhe mihle futhi konke lokho kuholela empilweni engcono .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..