Ukuhamba Amandla noJesu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 9:6 Bamuka-ke bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli,bephulukisa ezindaweni zonke .
Kungumuzwa ongelula impela ,uma uJesu esibizela ukwenza into eqhele ngamalengiso emandleni ethu emvelo .Kungaba yinani elikhulu leli ,sijuluke.Ukucabanga umuzwa wokwehluleka.Kodwa uthole ukuthi khona lapho kanye ,sisaqala ukulubeka unyawo ,kunotho afuna silwazi .
Ukuthatha amateku akho uthi ukulula izinyawo unyakazise umzimba ,kuvelele kulezinsuku.Lomqondo wokunyazisa igazi ukuze ube nezempilo ezinhle ,akuwona umqondo omusha.
Lokhu kuhlabana umxhwele,uJesu wathumela abafundi baKhe abangu 12 ohambweni olwalunamandla,bephuma bengena kumadolobha abawakhele ,beyotshela abantu ngaYe.Babehamba ngezinyawo futhi wabanika izinkombandlela benze njani ,babengamelwe ukuphatha lutho ,bangaphathi kudla ,imali,hhayi ngisho izingubo zokushintsha .
Kodwa uJesu wabanika okwabe kungcono kakhulu kunakho konke lokho .Wabanika amandla aKhe ,amandla ukukhipha amademoni ,amandla ukuphulukisa abantu ,amandla ukukhuluma amazwi aKhe ezinhliziyweni zalabobantu.Nebala kwabe kuluhambo lwamandla lolu!
NgokukaLukha 9:6 Bamuka-ke bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli,bephulukisa ezindaweni zonke .
Lamadoda ayengabanga noJesu isikhathi eside kakhulu.Ayengesibo oso-Theology abakhaliphile baseJerusalema kodwa kwakungabantu abazisebenzelayo,iningi labo babevele esifundeni saseGalile.Kodwa baphuma lapho bembathiswe amandla nguJesu ,ukumemezela izindaba ezinhle –futhi kulalele kahle lokhu –baphulukisa abantu yonke indawo.
Kuyisimanga lokho.Kuyavama ukuthi uJesu asibizele ezintweni ezingaphezulu kakhulu kwamandla thina esinawo ngokwemvelo futhi imvama esikukhohlwayo ngukuthu ubizo lwaKhe luza namandla .
Kahle hle uma ngibuka izinto emumva ,nanini lakhona engibizela ukwenza into engaphezu kwamandla ami ,akakaze akwenze lokho ngaphandle kokuthi anginike amandla akhe nakho konke engikudingayo –ukwenza ngawo nangakho.
Akukaze nakanye .Ubizo lwaKhe luhlala njalo luza namandla aKhe . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..