... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMhlengi Wami Uyaphila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 19:25,26 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona ,ekupheleni uyakuma othulini ,nalapho sesishabalele isikhumba sami ,ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami.

Listen to the radio broadcast of

UMhlengi Wami Uyaphila


Download audio file

Ezikhathini lakhona kuzwakala sengathi yonke into eseduze kwakho iyafadabala,lakhona izingqinamba obhekene nazo nobuhlungu bukucwilisa ,esikhathini kungekho noyedwa ose sayidini lakho kube sengathi ngisho noNkulunkulu imbala ,akekho ngakuwe,…..manje kwenzakalani lapho ? Ubhekana kanjani nesimo esinjalo? Yini okumele ukholwe yiyo la?

Angazi  noma sewake wayifunda indaba kaJobe eThestamenteni elidala ,kodwa mina iyindaba engide ngibuyela kuyo ezikhathini eziningi,ngoba iyindaba ephusile ephiliyo ekhuluma ngobuqiniso boqobo lwezinto esibhekana nazo empilweni.

UJobe ungomunye wabantu abahle, wayengenasici,elungile  ,emesaba uNkulunkulu ,wabalekela okubi (Jobe 1:1). Khona kunjalo sibona uNkulunkulu  ngezizathu ezingeke zacaca kithina ,evumela uSathane ahlasele uJobe ,kakhulu ngangokuba walahlakelwa yizinto ezabe zingumgogodla kuye ,ngaphandle kwempilo uqobo lwayo eyasala .

Nabangani bakhe  abamsizi ngalutho.Beza kuye bazomzungeza bamtshele ukuthi , ‘Hhayi ngempela Jobe kushukuthi  kunobubi obukhulu kakhulu obenzile phambi kukaNkulunkulu ukuthi enze lokhu kuwe’ .Kusuke kunzima ukuba nohlobo olunjalo lwabangani phela usuke ungasadinge zitha  lapho .

UJobe  akhale kuNkulunkulu ephindelela . “Nkulunkulu kungani wenze lokhu kimina ? Akukho fair .Alukho olubi engilwenzile .Uzoqhubeka ukudedele lokhu kuze kube nini ?” Mhlampe nawe mlaleli uyizwa lendaba ifana neyakho .

Kodwa phakathi kwesinye sezililo zakhe uJobe ,usefika kulesiphetho ….

Jobe 19:25,26 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona ,ekupheleni uyakuma othulini ,nalapho sesishabalele isikhumba sami ,ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami.

Ekujuleni kwezingqinamba nobuhlungu aphakathi kubo ,uJobe wayazi ukuthi uNkulunkulu uMhlengi wakhe uyaphila .Ithemba lakhe kuNkulunkulu labe lingazamazamile .Wayazi ukuthi lusuku lumbe uzombona uNkulunkulu .Lokho nebala kwabe kwenele ukukwazi .Impela sihlobo kuhlale lokho kwanele ukukwazi . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge