... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhamba Nezihambayo kuqhathaniswa Nenkambo Yokuziphatha kahle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:10-12 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

Listen to the radio broadcast of

Ukuhamba Nezihambayo kuqhathaniswa Nenkambo Yokuziphatha kahle


Download audio file

Ingcindezi kulezinsuku yokuqhela eqinisweni ,ukudela lokhu uNkulunkulu asitshela ukuthi kuyikhona ,ukuzikhipha kulona sibe njengebandla eselinjengenja engenamazinyo ,kuyingcindezi enkulu kulesikhathi .Kungenzeka mhlawumbe nawe sewuke wayizwa .

Angazi kunjani kuwe kodwa mina kukaningi ngizithole sengicabanga ngokwendlela efuza lelizwe ngenxa yomthelela walo oza uyimvula .Hhayi nje mhlawumbe sekube esigabeni esisodwa noma ezimbili ,kodwa ngezihloko eziningi.Ukuqhubeka ubhukude  uphambane namanzi kuyiyinto enzima uma sizokuvuma ngokwethembeka ,kunezikhathi engike ngizithole ngizibuza ukuthi ngakube kulifanele  lonke lelinani lokuzinikela  okungaka ? Kunezikhathi lakhona engike ngilingwe ngukuphonsa ithawula .Ngikholwa nawe sewuke waba kulesosimo .

Ngicabanga ukuthi konke kumi ekutheni uma ukholwa  nguJesu ,uma umkholwa njengokusho kweZwi laKhe ,uma wenze lesosinqumo esinguKhrestu esidlula zonke ezinye  empilweni yakho ,nakannjani izwe lizokuzonda .Futhi lokho kuyalimaza ngoba wena konke lokhu ozama ukukwenza yinto enhle Konke ozama ukukwenza ngukuphila impilo enobuNkulunkulu nenokuthula .Kodwa ingcindezi yokuguqula umqondo wethu inkulu kakhulu ,akunjalo? 

NgokukaMathewu 5:10-12  Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.

Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela

abaprofethi abananduleleyo.

Ukuhamba nezihambayo kungumqondo wokwenza noma yini kungakhathalekile yinhle noma qha .Inkambo yokuziphatha kahle ngakolunye uhlangothi ngukwenza okuyikho kungakhathalekile ukuthi abanye bona bakholelwa kukuphi .

Khetha okuyikhona okuhle ,ngokuba umvuzo wakho ezulwini uyokuba mkhulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy