... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhamba Uye Ekwasebeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 23:4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa angesabi okubi ,ngokuba wena unami ,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza .

Listen to the radio broadcast of

Ukuhamba Uye Ekwasebeni


Download audio file

Ngakho uma ukwesaba kukuhlasela uphendula kanjani ? Ngakolunye uhlangothi umuzwa wokubalekela la kuphephe khona uba ngoqinile .Ngakolunye uhlangothi kunento ekuwe ethi kumele ubhekane  nalendaba injalo .

Enye yama –Cartoon engiyikhonzile kakhulu u- Charlie Brown, wake wathi, “Ayikho inkinga ngalendlela yokuthi akunakubalekeka kuyo .Akulona iqiniso lelo !  Kodwa ngakube kukusebenzele kanjani lokho ngaphambilini   ?

Cha ,ngoba kwesinye isikhathi umelwe ngukubhekana nomnyombo oyisusa senkinga .Futhi lokho kuchaza ukuthi uye ezindaweni ongafuni kuzo uyolandelela uyoxilonga kwenzekani kuze kube la okukhona .

Ihubo 23:4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa angesabi okubi ,ngokuba wena unami ,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza .

Uthanda ungathandi  uzithola sewuhamba esigodini sethunzi lokufa .Kodwa nazi izindaba ezinhle .UNkulunkulu unawe ngisho kuleyondawo …ikakhulukazi kuleyondawo .

Futhi kungalesosizathu ukuthi uNkulunkulu uhamba nawe kuleyondawo kanye .Kukuleyo ndawo lakhona uzwa uthando lukaNkulunkulu  ngokunamandla .

Futhi kukulesosigodi esimnyama lakhona ekubumba ,ekuqondisa ,akwenze ube yilomuntu ayevele efuna ukuba ube nguyena  .

Omunye wathi uma uhamba ngokohlangathi lwala owesaba khona ,uma wenza lokho okukwesabisayo ,ugcina sewuphila impilo abanye  abangayitholi .Yiqiniso  .

Kodwa noma yini ekwehlelayo  … okuhle nomusa kuyakukulandela imihla yonke yokuphila uyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.