... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulinda Ngokuhlukile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

IHubo 27:13,14 Yeka uma bengingangathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo ! Lindela uJehova uqine ,inhliziyo yakho ime isibindi ;yebo lindela uJehova .

Listen to the radio broadcast of

Ukulinda Ngokuhlukile


Download audio file

Ulinda kangakanani ukubona izinto zenzeke ? Into enhle ,into esemqoka ,into obukade uyilangazelela ,into okumele impela yenzeke  ngale kwalokho ..Kungakanani ukulinda kwakho?

Kwiningi lethu impendulo ngukuthi asilindi isikhathi eside .Uma udinga kubhodloke intaba uphumele ngale kwayo ufuna kwenzeke manje lokho !

Uma udinga ukusinda emzimbeni ogulayo  ,uthi yimanje isikhathi esiyiso Nkosi! Uma usenhluphekweni ,udinga inqamuke khona manje ! Kodwa akuyona indlela leyo izinto ezenzeka ngayo ngokusabalele.

Uchazomagama olunye luthi ukulinda ;ngukuhlala la okhona  kumbe ngukudonsa ukwenzeka kwento  kuze kube yisikhathi esithile esihlaba esikhonkosini  kumbe kuze kwenzeke okuthile kuyila kwenzeka .

Ukuhlala la okhona kumbe lokho kudonsa kwento akuyona into oyidingayo uma  sekushisa izinqa la  ohleli khona sewufuna ukuhlabela phambili .

Mumva le ,iNkosi yakwa Israel uDavide wabhekana nokulinda okuningi  – ngisho nasezikhathini ezazikhomba angafa noma nini la ekhona wayehlaselwa nangamabutho esho ukumyisa kwagoqanyawo .Yinto le akhuluma ngayo kaningi kumaHubo awabhala.

IHubo  27:13,14 Yeka uma bengingangathembanga ukubona  okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo ! Lindela  uJehova uqine ,inhliziyo yakho ime isibindi ;yebo lindela uJehova .

Walinda kanjani ?Ngokukholwa ukuthi nakanjani engakayi emhlabathini obandayo ,usazozibonela ngamehlo akhe omabili ,futhi azizwele enhliziyweni yakhe ,phezu kwezivivinyo zonke nezimo zakhe ,aboneni na ? Abone ubuhle bukaJehova .

Ngoba uJehova muhle –muhle zikhathi zonke ,ezikhathini zakhe .Futhi uma ukuqonda lokho ukuthi uNkulunkulu akekho late ,uzolinda ngokuhlukile .

Lindela  uJehova uqine ,inhliziyo yakho ime isibindi ;yebo lindela uJehova .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.