Ukuqala Ngokugcinwa Ngakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 2:16,17 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Masingasho ngokwethembeka okuphelele ,singathanda uJesu abe ngomnandi ,ontofontofo ,uMsindisi oxhumana nathi kamnandi ongasikhuthaza sibe yilokhu esifuna thina ukuba yikhona ,siphile impilo esifuna ukuyiphila .Inkinga isekutheni loJesu waseBhayibhelini akasiye lowomuntu onjalo sanhlobo!
Ngiye ngizibuze kwesinye isikhathi ukuthi thina MaKhrestu asizibuki izinto ngecala okungesilo.Baye bethi ngesilungu ukubophela inqola phambi kwehhashi ,ukuqala ngokugcinwa ngakho.
Siqhuba inkonzo ,ngendlela ebesiveza siyiqhuba ngayo .Kungani? Yingoba besivese sikwenza ngaleyondlela .Futhi indlela esiqhuba ngayo inkonzo ,iyindlelanye esiya ngayo kubantu ukubadonsela enkonzweni ,phecelezi lokhu abazi kangcono okubizwa ngophumo –mission.Bese kuthi indlela futhi esenza ngayo uphumo ,yona ibumba ukucabanga esibuka ngakho uJesu…simbuke ngokwezihlalo zesonto ezishaye uhele kamnandi ,zahlanzwa zazinhle ngokwama –row.
Ngakube ucabanga ukuthi lokhu engikushoyo kuphuma eceleni ,kumbe ngakube uJesu ubukeka kithi ehlukile ngokomqondo wezihlalo zasenkonzweni ezinethezekile ,mhlawumbe uma kunjalo besizothi kushukuthi mayehlukile kokwekonzo okuzothile nakanjani sizomthola eyoshumayeza ohanta bemigulukudu edla izidakamizwa ?
Uma sizombuka ngokwesizotha iningi lethu elikhulele kuso ,kuvese kukumangase mase umbuka uJesu ukuthi wayengasebenzi endaweni ezothile njengeyethu,wayengeyikho lokhu esilindele uyikhona ,mina ngamhla ngiqala ukufunda ngaloJesu ngathuka kakhulu. Ngathola ukuthi ungumuntu owaguqula umhlaba upside down ,owaphulukisa abanochoko ,owayehlala phansi alalele amayengandoda,owaklebhula ukuzenzisa kwenkolo eyabe ingehlelikile ezweni .
NgokukaMarkhu 2:16,17 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Belizobukeka kanjani iBandla uma sonke besizolandela lowoJesu ?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..