... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukushayiseka Kwemoto

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:51,52 Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo;asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

Listen to the radio broadcast of

Ukushayiseka Kwemoto


Download audio file

Impilo ingavese ,ijike ngesivinini esikhulu esikhaleni ungazelele.Zonke lezizinto obuzitshela zizokwenzeka namhlanje ,ngesonto elizayo ..ngenyanga ezayo .. ngonyaka ozayo ,zingavese zingalokothi ukwenzeka.

Kungekudala kunomhlobo owayezipholele kamnandi kunguMgqibelo owejwayelekile nje kuye .Othe esuka wazithathela i-walk emini nonkosikazi wakhe ,kwathi ntambama bathatha idrive encane beya ezitolo beyothenga okuncane kwasekhaya.Okuthe nje beqeda kupaka njengenjwayelo ,besathi nje bavula izicabha ,kwezwakala sekuthi bhuhhh ,kwawubuhlakahlaka njalo ma-glass aphihlizeka  umgwaqo ,sebethole ingozi bengazelele beshayiswa yimoto bemile ,kwadinga imoto yabo ithathwe yi-breakdown .

Lomhlobo wake wama eside isikhathi eceleni komgwaqo egcwele ukwethuka ezibuza ethi eyy ngokuvula nje isicabha isecond ethi uyaphuma emotweni  bekuzoba njalo usephumela kwelinye izwe .

Yebo nebala kuba kanjalo nje ,i-second nje qha elihlukanise ukuphila nokufa .Ngokuphazima kweso kungavese kuguquke konke .Gquh bhuuu nya kuphelile njalo!

1 KwabaseKhorinte  15:51,52 Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo;asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,  ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

Ngingabuza lokhu sihlobo sami : uzolichithaphi ingunaphakade lakho? Kuthatha nje ukunyakaza kwe-second ukufuduka kulokhu kuphila qede uye kwelizayo.Kodwa manje ingunaphakade yisikhathi leso eside kakhulu.

Uzolichithaphi ingunaphakade lakho?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge