Ukuthula Komphefumulo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseThesalonikha 3:16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Ukuthula yisihloko engithandayo ukude ngibuyela kuso ,ngoba impilo yokuthula iyimpilo enkulu kunazo zonke esingazithola kuNkulunkulu …okungakho esitshela ukujonga ukuthula .Ukukwenza umgogodla ezimpilweni zethu
Ngakho ,ngakube inokuthula okungakanani impilo yakho njengamanje ? Ekujuleni kwenhliziyo yakho ,la uqobo lwakho luhleli khona ,la imizwa yakho yeqiniso ikhona ,okuyindikimba yezinto ezisemqoka kuwe zigcinwe khona ,ngakube kukhona ukuthula noma kunesiyaluyalu?
Ngakube ugcwalisiwe ngokugeleza kokuthula okungachazeki lokhu uJesu akuthembisa phakathi kokuzingelwa nasezilingweni ,kumbe ngokufihlakele ushukumbiswa wukukhathazeka ngento ethile ?
Uma kungukuthi lokhu engikushoyo kuyikho kanye oshukwa yikho njengamanje ,kuneZwi ,yebo iZwi likaNkulunkulu eliphilayo ,engifuna ukulikhuluma phezu kwakho namhlanje .
2 KwabaseThesalonikha 3:16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Ngu Phawuli lo ephetha incwadi yakhe ebandleni laseThesalonika ; uyabona lawomavesi okugcina esingawanaki .kodwa yiZwi likaNkulunkulu kanye leli ,esilaziyo ukuthi liyaphila futhi liyasebenza ,libukhali kunenkemba esika nhlangothi zombili futhi namhlanje izwi likaNkulunkulu kuwe sihlobo sami ngukuthula ,ukuthula kwaKhe zikhathi zonke ,ndlelayonke .
Ngakho imvamisa izimo esizithola kuzo azikho olawulweni lwethu .Kuyo kanye lencwadi uPhawuli ukhuluma ngezinto ezinzima ,eziyingozi nezesabisayo kubahlobo bakhe.
Kodwa ekugcineni ukhuluma ukuthula kukaNkulunkulu phezu kokuphila kwabo ,okuyilokho nami engikwenzayo kuwe njengamanje .Usukulungele ukukumukela ? Uzokukholwa na?
Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..