... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubhekana Nokukhula Kobubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 1:16,17 Gezani nihlanzeke ,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi .Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli ,nahlulele izintandane nimele umfelokazi.

Listen to the radio broadcast of

Ukubhekana Nokukhula Kobubi


Download audio file

Ububi  buyincada egcwele umhlaba wonke .Ngakomunye umqondo akukho okusha kulokho .Bekuvese kuhlale kunjalo .Kodwa  ngomunye umqondo ohlukile futhi sewuke waqaphela ukuthi kukhule ngesivinini esikhulu kangakanani ,mumva nje ? Izinto ezingububi akusikho nje ukuthi ziyakhangiswa kodwa ziphinde zishayelwe nehlombe .

Nebala igeji yabo iyenyuka .Akulula neze ungabuboni amandla obukhula ngawo.Ngendlela okuyiwo ungafunga ukuthi impela amalangabi esihogo asenuka emakhaleni ethu eduze la .Ububi obungamachilo akusikho nje kuphela ukuthi  sebuphenduke into ejwayelekile kodwa  sebenziwa bahlonipheka ngokusemthethweni .Kubukeka kuyibo obudla inkundla njengamanje  mawubuka .

Manje ,thina balandeli bakaKhrestu yikuphi esifanelwe ngukukwenza ? Ngizokutshela engibone iningi lethu likwenza .Siyalwa ngabo.Siklewule  silila ,phela yilungelo lami leli kumbe umbono wami lo .Yilungelo lenkolo yami leli .Yilungelo lami uku…

Inkinga kodwa ngukuthi ,ibhayibheli libukeka lithule ekutheni mina nawe yikuphi esinelungelo lakho  kulomhlaba.Uma besingasho iqiniso ,ngokulibheka kwami iThestamente Elidala neLisha ,into engibona icaca kulo yilungelo lami ngukuhluphekela iNkosi uJesu Khrestu . 

Manje pho mina nawe sibhekane kanjani ngezinga lokukhulu kobubi emhlabeni ? 

Isaya 1:16,17 Gezani nihlanzeke ,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi .Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli ,nahlulele izintandane  nimele umfelokazi .

UNkulunkulu usiyala ukuba singenzisi okwalabobantu ababi abasemhlabeni ,kodwa ukuhlanza izindlu zethu kuqala .Ukwenza okuhle ,ukuphatha abantu ngokungakhethi buso ,ebese ke kuzoba ngukukhulumela  labo abangeke  bazikhulumele bona ,ngisho kungathiwa kusibiza nani lini .Sikhulumele umfelokazi ,intandane …nabangakazalwa . 

Yilokho kanye uJesu akwenza ,futhi kwambiza impilo yakhe yonke .

Yeka ukwenza okubi ,yenza okuhle .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..